Amaphaphu phansi ngegcikwane elitsha leCovid-19

12 Jan, 2023 - 00:01 0 Views
Amaphaphu phansi  ngegcikwane elitsha leCovid-19 covid 19

uMthunywa

AYIKHO Inguquko ezakwenziwa yiNingizimu Afrika ngezivakatshi eziphuma emazweni alezibalo eziphezulu zabalegcikwane leCovid-19. Lokhu kutshiwo izolo, nguNgqongqotshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, ngesikhathi kulesithangami sabezindaba esimayelana lokutholaka komxhantela wegcikwane leCovid-19 i-Omicron esizitshintshile yaba iXBB.1.5 emasampuleni abehlolwa eWestern Cape, muva nje.

UPhaahla uthe eChina, iCovid-19 ibuye ngamandla baba baningi abahaqwa iyona okudale ingebhe kwamanye amazwe aze aba nemigimo elawula ukungena kwezivakashi eziphuma eChina.

Covid 19

“Amanye amazwe asungule umgomo wokuthi kumele izivakashi eziphuma kula mazwe ziveze imiphumela yokuhlolwa ekhomba ukuthi azinalo leli gciwane, kwathi amanye ngaphezu kwalokho, aphoqa izivakashi ukuthi ziphinde zihlolwe uma sezingene kuwo.

“Okwamanje alukho ushintsho esizolwenza ukuze kulawulwe iCovid-19 ngoba amagciwane akhona e-Omicron okuyiwo asabalalayo emhlabeni akuveli ukuthi seyishintshile indlela abagulisa ngayo abahaqekile. Ngakho asidingi ukuthi sishintshe imigomo okwamanje,” kusho uPhaahla.

Uthe eChina, kunemixhantela emibili ye-Omicron okuyiyona ehaqa abantu abaningi kodwa udaba lwakhona luthanda ukwehluka ngoba abantu bakhona abanakho ukuvikeleka kuleli gciwane ngoba iningi labo aligomile kanti kuleli, iningi ligomile.

Uqhube wathi isampula okutholakale ukuthi linaleli gciwane akwaziwa ukuthi ngelikabani ngoba ngesikhathi litonyulwa bekwenziwa uhlelo lokuhlola olujwayelekile, olungabheki ukuthi ngubani umnikazi wesampula.

“Kungenzeka ukuthi isampula elitonyuliwe akulona elomuntu waseWestern Cape kodwa lihlolwe eStellenbosch,” kusho yena.

UDkt Michelle Groome wesikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), uthe ukutholakala kwaleli gciwane le-Omicron eselizishintshile akubethusanga ngoba leli gciwane selizishintshe kaningi.

“Leli gciwane selizishintshe kaningi kodwa uma sibheka asiboni ukuthi kunoshintsho endleleni elibagulisa ngayo abahaqekile ngoba nesibalo sabalaliswa ezibhedlela asenyuki,” kusho uDkt Groome.

UDkt Phaahla uthe abantu kumele bazivikele ngokuthi bagome noma bajove ngemigomo yokwengeza (booster shots).

Covid jab

Kubuzwa ukuthi imigomo yeCovid-19 ekhona kuleli ngabe iphelelwa nini isikhathi, uDkt Lesley Bramford, uthe isitokwe semigomo ekhiqizwa ngabaJ&J engu-10 million, izophelelwa isikhathi ngo-2024 no-2025, eyePfizer ingu-8 million, izophelela isikhathi ngoMashi kodwa isengasebenza kuze kushaye uJuni. — Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds