Uncategorized

Utshiye isipholisa wathatha ubukhosi

06 Oct, 2022 - 00:10 0 Views
Utshiye isipholisa wathatha ubukhosi

uMthunywa

KUBE nzima emapholiseni ukwamukela incwadi yokwesula emsebenzini kwepholisa lomgwaqo kumasipala weTheku iNkosi Siyanda Zulu ngesikhathi esetshiya esiyathatha isihlalo sobukhosi, ngaphansi komkhandlu weBhekeshowe eHabeni, eShowe kwele South Africa. Lokhu kuvezwe ngokhulumela amapholisa kamanisipala weTheku uSuperintendent Boysie Zungu ochaze iNkosi Zulu njengomuntu obekhuthele kakhulu emsebenzini futhi engakaze akudalule ukuthi uzokuba yinkosi. Uthi ngesikhathi esula emsebenzini besingaziwa isizathu sokwesula kwakhe, kuthe uma sekuvelile ukuthi useyothatha esobukhosi kwaphoqa ukuthi basamukele isicelo sakhe. Utshele ILANGA ukuthi ubeziphethe kahle ewenza ngokwethembeka umsebenzi wakhe.

“Besingazi ukuthi usegazini lasebukhosini ngqo. UNdabezitha ubezibeke phansi, akaze ayithi vu le ndaba yobukhosi bakhe,” kusho uSup Zungu.
Uveze ukuthi ngesikhathi ethola lezi zindaba zokuthi iNkosi Zulu iyasula emsebenzini, ushaqeke kakhulu ngoba ubengashongo ukuthi yinile esimenza alaxaze umsebenzi wakhe ngokuphuthuma okungaka. Uthi ngenxa yalokhu, waqale wanqaba ukumsayinela incwadi yokwesula kwakhe, wamsthela ukuthi makayosicabangisisa kahle isinqumo sakhe, abuye ngelinye ilanga esecabange kahle.

“Lezi zindaba zangethusa kakhulu, ngaze ngakhuluma noMnu Zulu osenyunyaneni yabasebenzi ukuba akhulume naye ameluleke ngobubi bokushiya umsebenzi. Kuthe uma esebuya kimi engichazela ukuthi ushiya ngoba useyothatha isihlalo sobukhosi, kwaphoqa ukuba ngikwamukele lokho, ngiyisayini incwadi yakhe yize kwakungemnandi ukuthi useyasishiya. Kuyacaca ukuthi ubefuna kufihleke. Akuzange kube lula ukuthi samukele ukushiya kwakhe ngoba ubewuhlonipha umsebenzi futhi angingabazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathathi ubezokhushulelwa esikhundleni esiphezulu,” kusho Sup Zungu.

Leli phephandaba lizamile ukuxhumana neNkosi akuzange kuphumelele icele ukuthintwa ngemuva kwemizuzu engu-30 nakuba ingabange isatholakala emizamweni eyizikhawu eziningi. Ngokubeka kweNkosi kwelinye lamaphepha esingisi iSunday Times yathi ukusebenza ngaphansi kwezomthetho emaphoyiseni, kuyifundise ukuthi isebenze ngokungakhethi iphela emasini. Ithi izoqhubeka nokusebenza kanzima iqhubeke lapho kushiye khona iNkosi ekhothame kuwona lo nyaka ngokubeka kwayo phambili umphakathi ikakhulukazi izidingo zawo.

Inkosi Zulu ithe izobakhumbula kakhulu abalingani bayo kwezombutho. Ngokomlando weNkosi uSiyanda Zulu, iveze ukuthi ikhulele emakhaya, kwagqama kuyena kakhulu imikhakha yomsebenzi okubalwa kuwona ubudokotela, ubuthishela, osonhlakahle neminye kodwa ebuncaneni bakhe yayinothano lokuba yiphoyisa. Yaqeda umatikuletsheni yalibangisa eThekwini yaba ngunogada esikhungweni sikamasipala emaphoyiseni eTheku okuyilapho kwakheleke khona uthando lokuba yiphoyisa lomgwaqo kulo masipala. Ithi kwakhangiswa lo msebenzi yaba nenhlanhla yokwamukelwa njengoba yayisisenebekade esesebenze iminyaka ewu-17 emaphoyiseni.

Inkosi ingene esihlalweni senkosi uJomba Sam Zulu ekhothame enyakeni. — Ilanga

Share This:

Sponsored Links