Uncategorized

Umdeni kaMampintsha usadingida ngezinhlelo zokumbeka

29 Dec, 2022 - 00:12 0 Views
Umdeni kaMampintsha usadingida ngezinhlelo zokumbeka Mampintsha

uMthunywa

UMDENI womculi ongasekho, uMandla “Mampintsha” Maphumulo uthi yize uphatheke kabi ngokutshiywa nguye kodwa uqiniswa idolo yikuthi ukholelwa ukuthi konke kuyizinhlelo zikaNkulunkulu.

UMampintsha (40) utshone esesibhedlela eThekwini ngemva kokungeniswa khona eshatywe yisifo sohlangothi (stroke).

Lumculi uzakhele udumo ecula eqenjini iBig NUZ. Utshona nje, bebesanda kukhipha i-albhamu yokuqala ngemva kokutshona kukaR Mashesha owatshona ngo-2015.

iBig NUZ

Leli dlalade elibizwa ngokuthi R Mashesha igabe ngengoma ethi Ngeke ebalwa lezinye ezingase zihlukanise umnyaka.

Okhulumela umdeni uZandile Maphumulo, uthe akukho abakusolayo ngoba wuNkulunkulu obehlelile.

“Siyazi ubeyisipho kithi lasesizweni sonkana. UNkulunkulu ubehlelile yize kunzima ukwamukela. UNkulunkulu uphile, uNkulunkulu uthathile,” kutsho yena.

Ezinkundleni zokuxhumana kuvele izindaba ezithi unina kaMampintsha ungeniswe esibhedlela ngenxa yokungaphatheki kahle, kodwa uZandile uthe abakaziswa ngalokhu.

“Asikakaziswa ngokusemthethweni. Nangu ubaba kaMampintsha phambi kwami. Asikwazi ukuthi umama kaMampintsha akaphilile, ngakho asikwazi ukuqinisekisa lutho,” kusho uZandile.

UMampintsha

Ngokuthola kweSolezwe, inkonzo yesikhumbuzo kaMampintsha kulindeleke ukuthi ibe kusasa ekuseni Ethekwini Community Church. Inkonzo yomngcwabo ibe ngoLwesihlanu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Ebuzwa ngezinhlelo zokufihla uMampintsha uZandile, uthe akukho okusaqinisekisiwe okwamanje, ngoba kukhona abasakulindile, bazobazisa abezindaba uma sekuqinisekisiwe.

Khonamanjalo, umngani kaMampintsha uL’vovo okuthiwa ungeniswe esibhedlela eshaywe yisifo sohlangothi uyalulama.

Imenenja yakhe, uSthabiso Dladla, ithe usengcono kakhulu futhi angaphuma noma yinini esibhedlela.

“Kade nginaye manje nodadewabo, usengcono kakhulu,” kusho uSthabiso.

Uqinisekise ukuthi awukho umcimbi uL’vovo azobonakala enandisa kuwo nonyaka.
Elinye iciko okuvele ukuthi kaliphathekile kahle wuDJ Kotin kodwa likuchithile ukuthi lishaywe wunhlangothi. Ezinkundleni zokuxhumana kuvele ukuthi naye uphuthunyiswe esibhedlela ehlaselwe yisifo sohlangothi.

Ubhale kwiWhatsApp ethi: “Hhhayi bo webantu! Anginawo unhlangothi mina.”
“Nithanda kabi ukubulala abantu bephila. Uma ungenalo iqiniso kungcono ungasho lutho,” kubhala yena. — Isolezwe.

Share This:

Sponsored Links