Uncategorized

Kusolwa umbango wentombi kugwazwe umfundi wafa

14 Nov, 2019 - 00:11 0 Views
Kusolwa umbango wentombi  kugwazwe umfundi wafa

uMthunywa

KUSOLWA ukuthi bekubangwa intombi kuze kugwazwe umfundi afe Ekudubeni Secondary eNkonjeni, oLundi, ngoLwesihlanu. 

Ngokuthola komthombo weSolezwe izolo, umfundi (15), ongeke adalulwe igama ngenxa yobuncane bakhe, kuthiwa ugwaze omunye umfundi (15) ngengqamu  esifubeni ekilasini kaGrade 9 kubantwa intombi.

“Ngokuthola kwethu kuthiwa ugwaze umufi esifubeni kubangwa intombi. Ubotshelwe khona emagcekeni esikole. 

Kulindeleke ukuthi avele enkantolo kusasa (ngolwesithathu),” kutsho umthombo.

Uzovela eNkantolo kamantshi eMahlabathini ebhekane lecala lokubulala.

Isolezwe lihabule ukuthi amapholisa ambophile kodwa abuya amdedela anxusa umzali wakhe ukuthi ambheke ngenxa yobuncane ngeminyaka. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnumzana Kwazi Mthethwa, uthe kube yinto engenhle ukuthi kuphume umphefumulo womfundi emagcekeni esikolo.

Uthe njengomnyango weKwaZulu-Natal bazoxhumana lozakwabo ehofisini lesifunda lelesekethi ukubuyisela isimo kwesejwayelekile esikolo esithintekayo.

“Sizaphinda sisebenze ngokubambisana loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngosonhlalakahle abazokweluleka ngokwengqondo bonke abathintekayo,” kusho uMthethwa.

UNgqongqoshe walumnyango eKZN, uMnumzana Kwazi Mshengu, ucatshunwe kuSolezwe ngeSonto ethi kumele kugxekwe abazali ngesenzo sezingane zabo.

“Sidumele kakhulu singumnyango ngoba akusona esokuqala ukuthi silahlekelwe ngumuntu osemncane ngalolu hlobo. 

Sisaqhubeka lokucela abazali nomphakathi ukuthi babambisane lathi ukuthi siqede amacala afana laleli  emphakathini. 

Abazali lomphakathi kumele kube yibo abagxekwayo ngesenzo sezingane zabo,” kutsho uMshengu.

Okhulumela amapholisa eKwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amapholisa aphenya icala lokubulala.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links