Uncategorized

‘Bamthethisile’ owathengisa ingane

12 May, 2016 - 00:05 0 Views
‘Bamthethisile’ owathengisa ingane UNkosazana Zama Madlala

uMthunywa

UKHIHLE isililo owesifazane oneminyaka engu-20 ngesikhathi eshaywa ngoswazi oluncane lwesigwebo seminyaka emithathu eboshelwe ekhaya iminyaka emihlanu elengisiwe, ngecala lokudayisa ingane yakhe enezinyanga ezingu-19 kwi-website iGumtree ngo-R5 000.

UZama Madlala wase-Azalea, eMgungundlovu, ugwetshwe izolo eNkantolo yeMantshi yakhona eMgungundlovu.
Lesi sigwebo sakhe asihlalanga kahle kumalungu omphakathi abelokhu elilandela leli cala.

UNksz Slindile Gumede waseSweetwaters ukhale ngesigwebo wathi sincane kakhulu uma kuqhathaniswa nokwenziwe yilo wesifazane.

“Bekumele aye ejele noma ahlale unyaka ukuze ezojeza. Uma egcinwa ekhaya kusho ukuthi ngeke afunde lutho,” kusho uNksz Gumede.

UMnuz Sihle Dlamini waseMbali uthe abazange bamjezise kodwa “bamthethisile” kwaba ukuphela. “Abanye besifazane bazodayisa izingane zabo uma bebona ukuthi bayazwelwa. Bekumele abolele ejele,” kusho uDlamini.

UMnuz Siphesihle Dludla waseMbali uthe ngokwakhe kube nokwenzelela kulesi sigwebo. Uthe ngokwakhe bekufanele ahlale noma iminyaka emihlanu ejele.

Lo wesifazane obezimboze ngesikhafu esikhulu, kuthe iMantshi uRose Mogwera imtshela ukuthi akazogcinwa ejele kodwa uzogwetshelwa ekhaya, izinyembezi zehla zalandelana.

UZama ngesikhathi kwethulwa imibandela yokugwetshwa kwakhe ubelokhu ekhala njalo, esula izinyembezi ngesikhafu abezimboze ngaso enzela ukuba angashuthwa ngabezindaba abebegcwele inkantolo.

Imantshi imnikeza isigwebo sakhe ithe amacala azivumela wona anzima kakhulu.

Ize yacaphuna eBhayibhelini yathi isigwebo esasinikezwa odayisa abantu ukuze bebe yizigqila kwakuba ukufa imbala.

Igcizelele ukuthi yize la macala ehlukaniswe kathathu kodwa izomgweba kube kanye.

“Unina wengane umuntu ekumele ahlezi evikela ingane yakhe, ayinikeze uthando. Ayinikeze konke ngisho noma kumele yena azidele, kodwa wena wadayisa ingane yakho. Akekho umuntu ekumele adayiswe ukuze kutholakale imali, ngisho noma ngabe ukhala ngokuhlupheka. Ukuhlupheka akulona igunya lokudayisa ingane. Kukho konke engikubonile lapha nekushiwo odokotela bengqondo awukwazi ukuthatha izinqumo eziphusile futhi unobungane,” kusho imantshi.

Ithe isigwebo ibona sifanele ukuze ezofunda emaphutheni akhe.

“Iminyaka emithathu uzoyidonsa usekhaya. Angeke uphume, ngaphandle uma uya kwadokotela. Uzohambela ama-workshop lapho bezokufundisa indlela yokuziphatha, uphinde usebenzele umphakathi mahhala.

Awuvumelekile nokuphuza utshwala noma ukusebenzisa izidaka-mizwa. Uma uphula le miyalelo kuzophoqeleka ukuba uboshwe bese unikwa esinye isigwebo. Ngikugweba neminye iminyaka emihlanu ejele elengisiwe ungalenzi icala elifuze leli.”

Evuma icala ekuqaleni konyaka uZama waveza ukuthi uyise wengane wenza ulibofuzo wathola ukuthi ingane akusiyona eyakhe, nokuyilapho izinkinga zakhe ziqale khona.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links