UZakes Bantwini ujabule eqokwa kuma-Afrima

22 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
UZakes Bantwini ujabule eqokwa kuma-Afrima UZakes Bantwini

uMthunywa

ISILOMO somculi waseThekwini uZakes Bantwini sijabule ngokuqokwa emiklomelweni ehlanganisa abaculi bakulo lonke izwekazi i-Afrika, ama- All Africa Music Awards (Afrima).

UZakes, othe ubengazi ngokuqokwa kwakhe ngesikhathi ethintwa izolo, uthe ubengalindele nokuqokwa.

“Kuyajabulisa ukuqokwa futhi yinto ebengingayilindele. Angazanga nokuthi ngiqokiwe kodwa yinto enhle kakhulu, ngiyakujabulela. Yinto ejabulisayo lena futhi ngiyathemba ukuthi bazokwenza ubulungiswa kuwine abantu okumele bawine,” kusho uZakes.

Uqokwe eminxeni emine – owe-Artiste of the Year, Best African DJ, Best Artiste Duo or Group in African Electro novotelwayo weBest Male Artiste in Southern Africa.

Ukuvota kuzoqala ngeSonto kwi-website yama-Afrima ethi www.afrima.org futhi kuzovalwa ngoDisemba 10 ngaphambi komcimbi.

“Umculo akuwona amagama, uyinothi. I-Osama ikuqhakambisile lokho ngoba ngisho ungayizwa abantu bayayithanda.”

Abantu abamele iNingizimu Afrika kule miklomelo yisilomo uNomfundo Moh oqokwe eminxeni emine.

Abanye ngoDJ Zinhle, Mafikizolo, Simmy, Kabza de Small, Major League DJz, Costa Titch, Makhadzi noKamo Mphela.

uDJ Zinhle

UZakes ubuye waveza ukuthi ahamba kahle amalungiselelo omcimbi wakhe ozoba seKapa ne-albhamu yakhe athe eyokugcina. Umcimbi, obizwa ngokuthi Abantu, uzoba seDHL Stadium ngoNovemba 19.

“Abantu bayawathenga amathikithi. Inkinga wukuthi amabhanoyi asuka eThekwini naseGoli amba eqolo. Ngifisa abantu bawathenge kusanesikhathi. Zikhona kodwa izinhlelo zokuthi umcimbi uye nakwezinye izindawo (izifundazwe) kodwa sithe uma sibheka ucwaningo lwethu lokuthi yikuphi lapho abantu befuna ukungibona khona kakhulu kwaba yiseKapa. Indawo yesibili yiPitoli, iGoli neTheku elisendaweni yesine.”

Uthe i-albhamu usenze uhhafu wayo futhi ufuna ukuyikhipha ngoNovemba 18.

“Nginezingoma eziningi kodwa kumele ngenze isiqiniseko sokuthi zisezingeni ngoba ngeyokugcina. Kumele ibe mnandi ingunaphakade. Ngizoyikhipha ngoNovemba 18 ukuze ngakusasa kube khona asebezicula izingoma ekhonsathini.”

Uphethe ngokuthi: “Ngiyazi awungibuzanga kodwa ngifuna ukugcizelela ukuthi Ukhozi FM alwenze ubulungiswa kulo nyaka ngengoma ehlukanisa unyaka. Amaciko uma enza izingoma asuke efuna ukuhlukanisa unyaka. Bengingafuni ukuyikhuluma le nto ngonyaka odlule ngoba kwakuzoba sengathi ngifuna ukuwina, noma ekuqaleni konyaka kube sengathi ingoba angiwinanga. Ngikhulumela wonke umuntu.”-Isolezw

Share This:

Sponsored Links