Uthobekile olingisa ekaShaka esemncane

29 Jun, 2023 - 00:06 0 Views
Uthobekile olingisa ekaShaka esemncane Shaka Ilembe

uMthunywa

UVEZE ukuthi kumehlise itwetwe ukwamukelwa ngokucathuliswa ngabalingisi asebemnkantshubomvu emdlalweni uShaka Ilembe uNtando Zondi olingisa indawo kaShaka esemncane kulumdlalo osematheni kulezizinsuku njengoba uqale ukubukiswa ngeSonto kuMzansi Magic.

UNtando, odabuka KwaMashu, uthi ngesikhathi efika ezoqala ukuqopha lo mdlalo wayethukile, kodwa konke lokho kwatshintsha ngesikhathi ozakwabo bemamukela ngemfudumalo.

“Ngeke ngiqambe amanga nganginakho ukwesaba kodwa indlela abangemukela ngayo yenza izinto zaba lula, netwetwe lehla,” etsho. UNtando uthe kumkhulisile ukulingisa le ndawo, wafunda nokuningi. Uthe unethemba lokuthi ukuba yingxenye yawo kuzomvulela iminyango kulo mkhakha njengoba ezimisele ukukhula kuwona. Uthe nakuba ezimisele ngokukhula kulo mkhakha kodwa isifiso sakhe wukwenza izifundo zobuchwepheshe.

“Isikhathi esiphila kusona sidinga ulwazi ngezobuchwepheshe kanti nami ngiyazifela ngezifundo ezihambisana nabo,” kusho uNtando owenza u-Grade 8. Uthe ziningi iziyalo asezitholile njengoba esezophenduka usaziwayo.

“Okumqoka wukuthi ngizithobe, ngingavumeli udumo ukuba lungene ekhanda futhi ngihloniphe wonke umuntu,” esho. Kozakwabo kulo mdlalo ubonga ikakhulukazi uNomzamo Mbatha athe uyamcathulisa futhi umnika iziyalo ngalo mkhakha. UNomzamo ulingisa indawo yendlovukazi uNandi. Uthe uzizwa ethobekile ngokuthola leli thuba ngoba uShaka kwakungeyena umuntu ojwayelekile, uyiqhawe elihlonishwayo ngamagalelo akhe.

Umdlalo uShaka-Ilembe uyaphithizela ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngeSonto ngesikhathi kuvela isiqephu sokuqala. Iningi labantu libe nemibono eyahlukene ngawo, okugqame kakhulu wukuphawula ngokuhambaze kwabesifazane beveze amabele, nokho okuyinto eyisiko KwaZulu.

Lo mdlalo wamukelwe ngesasasa ngababukeli njengoba uzokhonjiswa njalo ngamaSonto. Ugabe ngabalingisi abanohlonze okubalwa kubo uNomzamo, u-Ayanda Borotho, uThandeka Dawn King, uWiseman Mncube, uMondli Makhoba, u-Abdul Khoza, uSenzo Radebe, uKhabonina Qubeka, uSiyabonga Shibe, uNtando Mncube, uThembinkosi Mthembu nabanye abaningi.-Ilanga

Share This:

Sponsored Links