Ugane unwabu uKelly Khumalo ngokuphucwa ‘iqatha’ emlonyeni

23 Nov, 2023 - 00:11 0 Views
Ugane unwabu uKelly Khumalo ngokuphucwa ‘iqatha’ emlonyeni uKelly Khumalo

uMthunywa

WEHLULEKILE ukuzibamba umculi wakweleSouth Africa waphumela egcekeni ngokuthi akathokozile ngokungatholi leyodwa indondo kuma-South African Music Awards ngoMgqibelo ebusuku.

Umcimbi wamaSAMA ubuseSun Arena, ePitioli futhi usakazwa kuSABC1.

Intokazi yakoKhumalo eyaziwa ngephimbo layo elimtoti ibipikelwe iBest Female Artist kodwa yakhala ngaphansi ihlulwa ngumculi wokholo uNtokozo Mbambo.

Kube lemizwa ehlukile kubantu ezinkundleni zokuxhumana, babodwa abebencoma ukuhluleka kukaKelly ngoba bemyamanisa lecala likayise wengane yakhe owabulawelwa kubo uSenzo Meyiwa, kanti abanye bebethi ngempela okaMbambo ubefanelwe yile ndondo.

UKelly uyaziwa lapha ezitaladini zika-X (Twitter) ukuthi akananazi uma kukhona afuna ukukuveza noma kukhona abamehla ngaphezulu. Lakulokhu uphumele obala waveza ukungenami kwakhe ngokuhlulwa ngoba ethi kuyaziwa lokuthi izinombolo ziveza ukuthi umehlula kude unkosikazi ka?qubeko Mbatha.

Abantu abanengi ezinkundleni zokuxhumana bahlulekile ukuzwelana laye, babodwa abebethi akakwazi ukukhwela adilike kumuntu ozothile njengoNtokozo Mbambo bese kuyathuleka, bazoqinisekisa ukuthi bayamvikela. —Ubulembu

Share This:

Sponsored Links