Kuzokhunjulwa uMshengu loMenzi kuGu

20 Oct, 2022 - 00:10 0 Views
Kuzokhunjulwa uMshengu loMenzi kuGu Menzi Ngubane

uMthunywa

KUZOKHONJISWA amafilimu ngempilo yezingwazi ezidabuka eMnambithi, okunguSolwazi Joseph “Mshengu” Shabalala lomlingisi uMenzi “Ngubs” Ngubane kuGu Film Festival, ePort Shepstone kuleli sonto.

Ifilimu, ekuthatha ikubeke ngempilo yomsunguli weLadysmith Black Mambazo, izovula umkhosi wamafilimu oqala eMargate Sands Hotel, ePort Shepstone, kusukela ngoLwesine ebusuku, uze ugqitshwe ngoMgqibelo. Leli qophamlando, elingempilo elilesihloko esithi Music Is My Life futhi eliqondiswe nguMpume Dube likususa phansi ngempilo kaMshengu kusukela esungula aMambazo kuze kufinyelela lapho sebengompetha bomhlaba, ikakhulu kumaGrammy Awards.

Ngokutsho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba leli dili lamafilimu lizogxila ekuhlonipheni lasekugubheni ikhono lezobuciko lamagugu aqakambise isifundazwe iKwaZulu-Natal emhlabeni jikelele.

“Lokhu kuzokwenziwa ngenhloso yokuvuselela lokutakula imboni yamafilimu kuleli esathwele kanzima emva kokukhahlanyezwa komnotho lubhubhane iCovid-19.”

I-LIFE and Times of Menzi Ngubane izokhonjiswa kuGu Film Festival. Leli dili lizoba bukhoma eShelley Beach Ster Kinekor Cinema kusukela ngoLwesine mhlaka 20 Mfumfu. Imbenge yoGu Film Festival izosongwa ngokukhonjiswa kweqophamlando ngempilo yomlingisi wodumo kuBambo Lwami leKwakhalanyonini, uMenzi Ngubane.

Le filimu esihloko sithi The Life and Times of Menzi Ngubane iqondiswe nguNtokozo Mahlalela ngokubambisana lomndeni waleli qhawe ngenhloso yokugubha amagalelo kaMenzi endimeni yamafilimu.

Kube ngumqondo womqondisi omutsha woGu Film Festival, uNksz Zanele Nhlapo, ukubona imboni yamafilimu ithuthuka emuva kweCovid-19, ikhula futhi iletha izinguquko ngokuqhakambisa ikhono elivutshelwe kuleli. UNksz Nhlapo uthe yilukuluku lokubona umnotho uvuseleleka ngemboni yamafilimu okubenze bawuhlela kanje umkhosi walo nyaka.

“Ayikho indlela engcono yokwenza lokhu eyedlula ukukhombisa imisebenzi evutshelwe kuleli ukuqhakambisa ubuciko bethu njengabantu baseNingizimu Afrika. Ifilimu yokuvula leyokuvala kuhloswe ngawo ukuvuselela ugqozi kubadidiyeli lakubathandi bamafilimu abasale bezikhotha amanxeba emva kwezigigaba zobhubhane lweCovid-19 lokuheha ukutshalwa kwemali embonini yakuleli yamafilimu.” Eqhuba uNksz Nhlapho uthe bafuna ukubuyisa ithemba lokunonophalisa imboni yamafilimu, lakholelwa ukuthi umbukiso walo nyaka uzoklama indima ebheke empumelelweni. Esephetha uNksz Nhlapho ubonge wanconcoza kubalingani abambisene nabo. “Siyabonga kakhulu kwiKZN Film Commission loGu South Coast Tourism ngokukholelwa lasekutshaleni embonweni wethu.”

Ephawula oyisikhulu seKZN Film Commission, uJackie Motsepe, uthe ukwenziwa kwemikhosi yokugqugquzela ababukeli kumqoka ekukhuthazeni isiko lokubukelwa kwamafilimu avutshelwe kuleli.

Black Mambazo

“Kubuye kunikeze abenzi bamafilimu inkundla yokubhekela isasasa lababukeli emisebenzini yabo.”

UNksz Motsepe uthe le nkundla inikeza amava abadidiyeli bamafilimu abasacathula ukuba babone futhi bakhuphukele ezigabeni ezinjengeDurban International Film Festival. Uthe bagunyazwe ukuba benze iKZN isizinda sokukhiqizwa kwamafilimu. Oyisikhulu seSouth Coast Tourism and Investment Enterprise, uPhelisa Manco, uthe indawo eseningizimu yoGu lwaseKZN seyiphenduke inyama kubadidiyeli bezinhlelo zethelevishini lakubadidiyeli bamafilimu.

“Lokhu akugcini ngokudala amathuba emisebenzi lokufukula umnotho kuphela kodwa kwenza labantu bakwamanye amazwe bathole ithuba lokuzibonela ubuhle bezindawo zalapha ezingamagugu. Thina sijabule kakhulu ukwamukela lo mcimbi waminyaka yonke ofukula imboni yakuleli yamafilimu,” kuphetha uManco.

Share This:

Sponsored Links