Kutheleka abagqama kuSarafina iqala ukukhonjiswa eThekwini

07 Jul, 2022 - 00:07 0 Views
Kutheleka abagqama kuSarafina iqala ukukhonjiswa eThekwini Inkakha yemidlalo yeshashalazi uMbongeni Ngema oqondisa umdlalo wakhe ophekwe kakutsha iSarafina ozokhonjiswa ePlayhouse, eThekwini

uMthunywa

KUZOTHELEKA izintandokazi zabalingisi beSarafina abaduma ngalo umdlalo usaqala ngosuku lokuqala kwawo ngoNtulikazi 15, 2022, ePlayhouse, eThekwini.

Phakathi kwabalingisi okulindeleke ukuthi babe yizimenywa kulo umdlalo, kulo uBabe Cele, Somizi Mhlongo, Leleti Khumalo, Dumisani Dlamini labanye.

Okhulumela lumdlalo, uMapule Zungu Ngobese owaziwa ngeNdlovukazi Mapule weStoneface Communication (Pty) Ltd, uthe yize lo mdlalo wasungulwa yinkakha edabuka KwaZulu-Natal, uMbongeni Ngema kodwa kuzaba ngokokuqala ukuthi ukhonjiswe kulesi sifundazwe emva kweminyaka engu-36, wasungulwa.

Wathi ngesikhathi uqala ukukhonjiswa, wayiswa ezindaweni ezehlukeneyo waze waya laphetsheya kwezilwandle ungakabonwa ekhaya.

Ngaphandle kokuthi lumdlalo uza ekhaya, uphinde watakula lentsha ekwezobuciko esake yalingisa lezobe iqala ukulingisa ngeSarafina.

“Lokho kwenziwe ngenhloso yokuthuthukisa intsha ekulo mkhakha lokubeka isinkwa etafuleni.

Mbongeni Ngema

Kuzokhumbuleka ukuthi iKwaZulu-Natal ikhahlanyezwe yizinto ezinengi, okuthinteke kakhulu ezobuciko njengoba amaciko ebengaqatshwa ndawo.

“Kumanje iSarafina ilabalingisi abatsha abangaphezu kuka-30 abaqhamuka KwaZulu-Natal, okuyibona abazobonakala kuyona njengoba iqala mhlaka 15 Ntulikazi,” kutsho uMapule.

Uthe yize umdlalo usungaphansi kwenkampani iNiso House (Pty) Ltd & Partners kodwa usaphekwa nguye uMbongeni Ngema.

Njengoba iqala mhlaka 15 Ntulikazi, izaze iphele mhlaka 3 Mpandula, ePlayhouse.

Bakhona labanye abalingisi baKwaZulu-Natal, abaziwayo athe bazobonakala kuyo iSarafina.

Njengoba izobe ivulwa ngokusemthethweni mhlaka 15 Ntulikazi, uMapule uthe wonke umuntu wamukelekile ukuthi athenge ithikithi ukuyozibonela lo mdlalo uqala.

Amathikithi aseyatholakala eWebtickets ngo-R180 umuntu emunye kodwa liba nguR150 uma lithenga lingu-10.

Awezingane ezisesikole abiza u-R50 umfundi ngamunye. Uthe lo mdlalo uzokhonjiswa emini lebusuku njengoba kuzobe kwenzelwa izingane zesikolo.

Share This:

Sponsored Links