Uzodala ukutshisa kuZalo

21 Sep, 2023 - 00:09 0 Views
Uzodala ukutshisa kuZalo uVuyo Dabula

uMthunywa

UMLINGISI owakhipha ingwevu kuGenerations: The Legacy, lakuSidingo, uVuyo Dabula, uzosusa uthuthuva kuZalo.

Ngokutsho komthombo, uVuyo uzoqala ukubonakala emdlalweni ohamba phambili kuleli kuSABC 1, Uzalo, ngesizini ka-10.

UNomfundo Zondi, okhulumela inkampani ekhiqiza umdlalo iStained Glass Productions, uziqinisekisile izindaba. Lokhu kuvela ngemva kokuthi Isolezwe, libike ukuthi umlingisi uWiseman Mncube, obedlala indawo kaSibonelo, uzatshiya kuZalo.

Ngokutsho kwesitatimende esikhishwe yiStained Glass Productions, uVuyo uzolingisa indawo kaBentley Majozi, umlisa ozodala uthuthuva KwaMashu. Kuvela ukuthi kulabanye abalingisi abatsha okunguNonhle Jali ozodlala indawo kaThandiwe, loSlie Ndlovu ozodlala indawo kaXoliswa, zombili izintokazi zizobe zingamathe lolimi kanti zingosamabhizimusi abangagayelwa mphako.

U-Ofentse Thinane oyinhloko yezinhlelo kwaSABC, uthe njengoZalo, kuyabathokozisa labo eSABC 1, ukufika kwabalingisi abaledumela ezweni, wathi lokhu kutsho ukukhula komdlalo.

“Sithi siyiSABC1, loZalo sijabule kakhulu ukuthi ngesizini ezayo sizobe sibophele abalingisi abatsha. Izindawo abazozilingisa ziyasijabulisa. Ukulokhu siletha abalingisi abahlabahlosile kufakazela isifungo sethu esasenzayo sokuthi siyohlale sijabulisa ababukeli bethu.

“Sithanda ukwamukela uVuyo Dabula, Nonhle Jali, Slie Ndlovu, loNtokozo Vilakazi, abalentshisekelo lamakhono angengatshazwe. Siyaqinisekisa ukuthi ababukeli ngeke basuke phambi kwamathelevishini abo ngoba lezi zingwazi zizokwenza izinto zamehlo,” kubeka u-Ofentse.

UVuyo waqala ukuzakhela ugazi esalingisa indawo kaKumkani Phakade kuGenerations: The Legacy. Kusukela lapho akabange esazibeka phansi walingisa kwi-Avengers, Collision lasemdlalweni owuchungechunge kwiNetflix, iQueen Sono lapho ayedlala indawo kaShandu Magwaza.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds