Get breaking news alerts.
Don't miss a thing.
Subscribe

Usola izimbiza ngokugula okucitshe kwambulala

08 Feb, 2024 - 00:02 0 Views
Usola izimbiza ngokugula okucitshe kwambulala uKhangelani Mhlongo

uMthunywa

UMCULI kamaskandi usola ukusebenzisa imithi yesintu ehlaselwa yikugula okuyingozi athe kucitshe kwedlula laye.

UKhangelani “DSD” Mhlongo Ugqoko, uthe uhlaselwe yikugula okwenze izinso zangasebenzi. Lokhu kulandela ukuthi ememezele ukuthi uzakhipha i-albhamu yakhe i-One More Year ngoMpalakazi kodwa yacina ingaphumanga. Bese kukhona labantu abese beyikhokhele ingakaphumi njengoba bekulindeleke iphume ngoMpalakazi nyakenye.

Exoxa lentatheli, uthe lamanje kakasili kahle futhi usahamba kubodokotela ngenxa yakho ukungasebenzi kwezinso.

“Isimo sami besingasihle kakhulu. Bengiphuma ngingena kubodokotela ngizama ukuzisindisa njengoba ngithole ukuthi izinso azisasebenzi ngendlela. Noma ngingazi ukuthi kudalwe yini ukuthi zingasebenzi kodwa ngisola lezi zinto esibuye sizidle njengezimbiza. Inkinga ukuthi zisuke zingahloliwe ndawo futhi ungazi noma uphuza isikali esanele yini, uzithole usugula kungenzekanga ngendlela eyiyo,” kutsho uDSD.

Bese kulezikhalo zokuthi uDSD uthathe imali yabantu athe ababe bekhokhela i-albhamu yakhe engakaphumi okuyinto eyenziwa yibo bonke abaculi kumaskandi kodwa eyakhe yagcina ingaphumanga. Kukhona abese bebona ukuthi baqoliwe.

UDSD uthe akekho umuntu amqolile kodwa uyazi ukuthi kunasebeyikhokhelile.

“Okwamanje ngisazama ukunaka impilo yami futhi angikhohliwe ukuthi kukhona asebekhokhile. Imina impela owakumisa ukuthi iphume ngendlela ebengigula ngayo ngoMpalakazi. Bengifuna ukuthi ngize ngilulame kahle bese iyaphuma. Okwamanje angikabi nalo usuku oluqondile lokuthi izophuma nini kodwa ngisacabangela ukuthi kube iPhasika. Abavele sebeyikhokhele bayothunyelelwa umsebenzi asebewukhokhele. Uma senginesiqiniseko sosuku labanye abalesifiso sokuyikhokhela ingakaphumi ngizobazisa,” kusho yena.

Uthe abasola ukuthi ubaqolile, akubona abalandeli bakhe labo ngoba abalandeli bakhe bayasazi isimo sempilo yakhe labhekene lakho manje. Uthe uyaxhumana nabantu abaseduze kwakhe ebazisa ngokuqhubekayo ngesimo sakhe. Uthe uma konke sekumi ngomumo uzozazisa nezinduna zabalandeli.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds