UNOMCEBO Zikode ukhiphe umucu ozokwelapha umhlaba

04 Apr, 2024 - 00:04 0 Views
UNOMCEBO Zikode ukhiphe umucu ozokwelapha umhlaba uNomcebo Zikode

uMthunywa

ISIHLABANI sakweleSouth Africa esilodumo ngengoma ethi Jerusalema futhi esikhale semuka lendondo kumaGrammy Awards, uNomcebo Zikode, sikhuze ibuya ngengoma elesihloko esithi Izono Zami.

Le ntokazi, edabuka eHammarsdale, ithe ngalo mucu izozembula ukuthi ingubani emphakathini.

UNomcebo uthe selokhu angena emculweni akakaze abe ngumuntu ongena ezintangeni.

“Yize ngingumuntu owaziwa njengomntwana kaNkulunkulu kodwa ngiyaba lezinselelo lezinkinga njenganoma ngubani. Ngiyaphatheka kabi, ngiyona. Angikho ngcwele. Okungenza ngingapheli amandla endleleni yokholo lwami kuNkulunkulu.”

UNomcebo uthe isifiso sakhe ukuba lo mucu unikeze abalaleli emhlabeni jikelele ithemba lenkolelo yokuthi izinto zizoba ngcono uma uncika kuNkulunkulu.

“Uma umculo uqhamuka enhliziyweni yakho, abantu abadingi ukuqonda uhlamvu lohlamvu lwengoma ukuze bahambisane layo. NgeZono Zami sizodlulisela uthando olukhulu lokwelapheka emhlabeni.”

Yize uNomcebo esedume umhlaba wonke kodwa akakakhohlwa ukuthi ungubani. Uthe lo mucu uveza ukuthi i-albhamu yakhe ezayo izobe injani.

“Yisipho sami emhlabeni. Njengabantu abanengi, kunengi engibhekane lakho eminyakeni embalwa eyedlule futhi ngiyakholelwa ekutheni umculo yiwo owangisiza ezikhathini ebezinzima. Ngifuna le albhamu yelaphe abantu uma bedinga okuthize okuzobakhuthaza ukuba bavuke bazithathe.”

 

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds