UMenzi uphoxekile ngamahlebezi okufa

18 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
UMenzi uphoxekile ngamahlebezi okufa uMenzi Ngubane

uMthunywa

INKAKHA yomlingisi kwezemidlalo yethelevishini uMenzi Ngubane, useluleme futhi uzoqala ukusebenza maduze. Kuke kwasabalala amahlebezi angelona iqiniso, okuthi utshonile.

Lezi zindaba zivezwe yimenenja yakhe uNaomi Mokhele othe kumanje useluleme ngokwanele kodwa usahlabe ikhefu lokuphumuza umzimba ngoba kumele aqale ukusebenza maduze.

“Kumanje useluleme kodwa usazinike isikhathi sokuthi aphumule. Kulemidlalo emibili yethelevishini azodlala kuyo kanti ngakolunye uhlangothi kulohlelo lwethelevishini asebenza phezu kwalo oluzoqhakambisa amagalelo akhe ekulingiseni,” kuchaza uNaomi.

Kumanje kuthiwa umatasatasa uyaqopha komunye umdlalo wethelevishini iThe Queen, edlala kuMzansi Magic.

UNaomi uphinde waveza ukuthi uMenzi uphatheke kabuhlungu ngabantu abasabalalise izindaba zokuthi utshonile ebe ephila.

“Uthe kumphethe kabuhlungu kakhulu ukuthi abantu azi ukuthi bangabalandeli bakhe beqiniso bamfisela ukufa,” kuqhuba uNaomi.

Izindaba zokuthi utshonile zisabalale emva kokuthi uke waya kudokotela izikhathi ezinengi isimo sakhe singesihle. Abantu baze bahlanganisa lezi zindaba lenkinga yezinso njengoba afakelwa inso ngo-2014.

Kuze kwangenela umdeni wakhe okhiphe isitatimende uqinisekisa ukuthi uyaphila kodwa uke waya kudokotela.

Amagalelo kaMenzi kwezokulingisa aziwa ngemidlalo eminengi yethelevishini okuhlanganisa lamafilimu.

Ikhono lolwazi lwakhe akungatshazwa kanti inengi labalingisi abasafika lasebebadala endimeni bafisa ukufika ezingeni lakhe.

Zonke izindawo azilingisayo akwenzeki angagqami kuzo.

Usanda kuqopha umlando ephuma kuSibaya ngesiqephu sokugcina asiqopha khona esaphendula lo mdlalo kwangathi ifilimu yaphetsheya kwezilwandle.

Lesi siqephu senza abantu bakhuluma ngaso isikhathi eside bencoma lokuvuthwa kwakhe ekulingiseni. KuSibaya ubedlala indawo kaJudas Ngwenya.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds