Uncategorized

UMbhishoPu (70) uthathele ijaha (27) intombi

28 Jan, 2021 - 00:01 0 Views
UMbhishoPu (70) uthathele ijaha (27) intombi Mbhishobhi Nicholas Sangweni

uMthunywa

UToto Miya (27) ozinze eThekwini uthi lamanje isaqaqamba inhliziyo yakhe ngokuphucwa iqatha emlonyeni nguMbhishopu Nicholas Sangweni (70) weDamaseku White Church yeLundi, omhlwithe ithemba lakhe uNkosazana Bonisiwe Hlongwa (27) weNdwedwe.

ISolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi uMbhishobhi Sangweni uganiwe ulabantwana ababili. UMiya uthi bekuthi uma ebona uBonisiwe avele abone kahle ukuthi lona ngumama wabantwana bakhe.

Uthi ngaphambi kokuba uMbhishopu Sangweni anyomfe uthando lwabo bebephila kamnandi kuheleza umoya wothando lweqiniso phakathi kwabo bobabili.

Uthi lamanje usamthanda uBonisiwe futhi ubona kahle ukuthi akasoze ayeka ukumthanda ngoba lengqondo yakhe ibisizitshelile ukuthi usemtholile umaqondana.

Elandisa uthi uqale ukuthandana loBonisiwe ngo-2017, uthi izinto ziqale ukuba mapeketwane othandweni lwabo phakathi kuka-2020 ngesikhathi ethola ubufakazi bokuthi intombi yakhe sijola loMbhishopu Sangweni.

ISolezwe NgoMgqibelo lizibonile izingxoxo lapho khona uMbhishopu Sangweni ayexoxa khona loBonisiwe bethembisana ukwenza ulozolo locansi ngakusasa. Le nkulumo yabo yayimhlaka-7 kuMpalakazi ngomnyaka owedluleyo.

Kule ngxoxo uMbhishopu Sangweni uze anxuse uBonisiwe ukuthi ayigeze kahle “inkomo” ngoba ethi ufuna ukuyifica ikahle ngakusasa. UMiya uthi lo myalezo wamphula umoya kodwa waqhubeka wathandana loBonisiwe.

“Ngambuza ukuthi kwenzekani phakathi kwakhe loMbhishopu. Wathi ubaba amjwayele akukho okunye okubahlanganisile. Ngokuhamba kwesikhathi ugcine esevuma ukuthi bayathandana wathi uluthwe yizinto ezinkulu uMbhishopu Sangweni amenzela zona,” kuchaza uMiya.

Nyanga zonke uMiya uthi uMbhishopu Sangweni intombi yakhe ubeyifakela imali. Uthi ngoMpalakazi kwangena u-R900 kwadlula insuku ezimbili uMbhishopu Sangweni waphinda wafaka u-R1 200.

Uthi uthe esababaza lokho uMbhishopu Sangweni wavele wagixabeza intombi yakhe ngomakhalekhukhwini weqophelo eliphezulu i-Samsung A11 Galaxy ebiza u-R3 500 esitolo.

Konke lokho uthi ubona kahle ukuthi uMbhishopu Sangweni ubesazifudumeza njengoba ebesalungiselela ukwenza okukhulu.

“Ngikhuluma lawe nje umakhela ubhazabhaza lwendlu eStanger. Angazi ukuthi lento ngiyenze njani. Ngididekile mpela. Ngibona kahle ukuthi bengisababaza ubala ngesikhathi ngibabaza izimali amfakela zona ngoba phela nanku okukhulu kulakho konke lokhu kokwakhela intombi yami indlu,” ebalisa.

Uthi sebehlukene ngenxa yokuthi bese bephila ngokuhilizisana bebanga indaba kaMbhishopu Sangweni athi ivele yafana lesichitho othandweni lwabo.

“Okwangixaka ukuthi ngamfonela uMbhishopu Sangweni ngamtshela ukuthi kehlukane lentombi yami.

Wangiphendula wathi yiphi yona ngoba zinengi lezi zinto. Leyo nkulumo yangethusa,” utsho kanje.

ISolezwe NgoMgqibelo limtshayele ucingo uMbhishopu Sangweni wavuma ukuthi uyamazi uBonisiwe. Wathi kungamampunge ukuthi bayathandana wathi bahlobene loBonisiwe. Kuthe uma intatheli imbuza ukuthi bahlobene kanjani wavele wankwankwaza.

“Bafuna ukudicilela phansi isithunzi sami. Ngiganiwe mina,” utsho kanje ethuthumela. UBonisiwe ebuzwa ukuthi bayathandana yini loMbhishopu Sangweni uqale wavuma wabuye waphika.

Uthe esuka wathi akamazi uMbhishopu Sangweni.

Share This:

Sponsored Links