Ukhunjulwe nge- albhamu u Lebo Mathosa

27 Oct, 2022 - 00:10 0 Views
Ukhunjulwe nge- albhamu u Lebo Mathosa uLebo Mathosa

uMthunywa

UMDIDIYELI we-house, uKaryendasoul, uthi kubalulekile ukugcina umlando kaLebo Mathosa, okhunjulwe nge-albhamu entsha njengoba ngeSonto bekulusuku atshona ngalo.

ULebo, owaqala ukugqama eqenjini leBoom Shaka ngaphambi kokuzimela, watshona engozini yemota ngo-Mfumfu 23 ka-2006.

NgoLwesihlanu, i-Universal Music ikhiphe i-albhamu yakhe iForever, elezingoma eziyisitshiyagalombili.

Kukhona kuzo i-Awu Dede eyenziwe kakutsha wuKaryeendasoul, I Love Music eyenziwe kakutsha uBlaQRhythm lezinye.

“Ngacelwa yi-Universal ukuthi ngibe yingxenye yalo mqondo omuhle wokuhlonipha lokugubha ngempilo yendlovukazi yomdanso, okuyinto eyangijabulisa futhi engangingeke ngiyinqabe,” kutsho uKaryendasoul, ogama lakhe langempela nguBonga Ntozini.

Uthe kube wumuzwa omnandi ukwenza umsebenzi ngoba wakhula elalela uLebo, akakaze acabange ukuthi uyosebenza entweni enephimbo lakhe futhi unethemba lokuthi wenze into encomekayo.

“Ngikholwa wukuthi kubalulekile ukukhumbula bonke abavela ngaphambi kwethu. Kuhle ukubona izinkampani zigcina umlando, okuyinto ebingenziwa phambilini, ngokukhipha umculo omusha nomdala kodwa osuthe ukushintshwa ukuze uzolaleleka nanamhlanje.”

UKaryendasoul wenza kabusha ingoma kaLebo nje, uzakhele udumo ngokwenza ngokuhlanganyela ingoma ethi Imali noZakes Bantwini noNana Atta. Wenze i-Any Other Way noBlack Coffee nezinye.

“Ngibe nenhlanhla yokusebenza nalezi zingwazi zombili futhi ngikwaze ukufunda okuningi okungisize ngakhula ekubeni yiciko, okube nomthelela omuhle egameni lami.”

Uthe uhlela ukukhipha omunye umculo, ukuhambela izindawo nokuphumula ngoba ube nonyaka omuhle.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds