UKelly ulufake kubameli udaba olwezinsolo

01 Feb, 2024 - 00:02 0 Views
UKelly ulufake kubameli udaba olwezinsolo uKelly Khumalo

uMthunywa

UKELLY Khumalo uthi lusingethwe abameli bakhe udaba lwezinsolo zokuthi wasasazela uyise wengane yakhe uSenzo Meyiwa

Unina wengane kaSenzo Meyiwa, umculi wakuleli uKelly Khumalo, uthi lusezithebeni zabameli bakhe udaba lwezinsolo zokuthi waqatsha izinkabi ukuthi ziqede ngoyise wengane yakhe ngo-2014.

UKelly ubephawula ngezinsolo ezivezwe ngumholi wethimba labaphenyi becala uBrigadier Bongani Gininda, ngenkathi ethula ubufakazi phakathi ngeviki ephelileyo.

UGininda umangaze abanengi ethi umamangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, lowesibili uBongani Ntanzi, badalula uKelly njengokunguyena owabanika itoho lokujuqa uMeyiwa. UGininda uthe uKelly wayefakiwe ohlwini lwabantu okwakufanele babotshwe kodwa abatshutshisi bakhomba okuthile okwakushota.

UGininda uthe uKelly wayelezinombolo zocingo ezine angawatshelanga amapholisa ngazo okwavela ukuthi wayezisebenzisa edidiyela izinkabi.

Isolezwe ngempelasonto lithinte uKelly maqondana lezinsolo wathi konke kuphethwe yimenenja yakhe uKhothatso Tsotetsi, kumele kubuzwe yona.

Kuthe uma ethintwa uTsotetsi, waqinisekisa ukuthi udaba lukubameli abasafuni ukukhuluma ngalo kakhulu.

“Siyaqonda ukubaluleka kokuthi zonke izinto zihlale obala kodwa asikwazi ukuphawula ngecala eliqhubekayo. Ithimba labameli bethu liyalusebenza lolu daba futhi silindele ukuthi uhlelo lwezomthetho luqhubeke ngendlela,’’ kutsho uTsotetsi.

Uthe bayaqonda ukuthi umphakathi umagange ufisa ukuzwa kabanzi ngodaba futhi bazokweneka konke obala uma isikhathi sesifikile.

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly eVosloorus, eGauteng, ngobusuku bamhlaka 26 Mfumfu 2014. Kuvela ukuthi uMeyiwa wadutshulwa esifubeni yinhlamvu yaphuma ngemuva, waphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi wayesethule.

Bahlanu abalisa ababotshiwe ngecala lokufa kukaMeyiwa futhi bayawaphika bonke amacala ababekwe wona bathi babhecwa ngobubende inyama bengayidlanga. Umbuso umi ngezitatimende othi zabhalwa abamangalelwa bevuma amacala kodwa sebeyaziphika manje.

Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zifanelwe yini ukwemukelwa njengobufakazi benkantolo. Umbuso ubize uGininda ukuzofakaza wase ephoswa imibuzo ngabameli babamangalewa.

Ngaphandle kwempendulo kaKelly ngodaba, ubeqhubeka ebhala kuFacebook eshwabulela abantu abamhlokozayo ngalezi zinsolo. Ubetsho ukuthi uzothola ababili nje, azokwenza ngabo isibonelo. Etsho lokuthi abantu bajwayelana kabi.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds