Uhambe engakahlonitshwa ngokufaneleyo uTokollo Tshabalala

18 Aug, 2022 - 00:08 0 Views
Uhambe engakahlonitshwa ngokufaneleyo uTokollo Tshabalala UTokollo “Magesh” Tshabalala

uMthunywa

UTOKOLLO “Magesh” Tshabalala obeleminyaka yokuzalwa engu-45 ositshiye emhlabeni ngoMvulo  ekuseni ngomunye wezingwazi  ezingakutholanga ukuhlonitshwa zisaphila.

Yize uyise u-Stanley “Screamer” Tshabalala ayesezakhele udumo ebholeni kodwa yena waziphumela eceleni njengojosoka ngokuzakhela owakhe umlando ngomculo.

Abantu abaningi bazi ngoMagesh ngoba esekwiTKZee (okuyiqembu ayeliqale noKabelo Mabalane noZwai Bala), abamazi esacula noKabelo Mabalane eqenjini abalisungula besafunda uGrade 10, i-2 Slice.

Kabelo Mabalane

Abanye bazi uTokollo esacula noSbu Ntshangase kanye noPro eqenjini likaMdu Masilela, iMashamplane. Ngebhadi uTokollo noSbu abashiyanga kahle kwiMashamplane.

Yingakho iTKZee yaqhamuka nengoma eyayigadla kuMdu eyayithi Masimbela.

Nxa ulalela ingxoxo kaKabelo, ayenza kwiPodcast and Chill with MacG, uyezwa ukuthi uMagesh ubebambe iqhaza elingakanani kwiTKZee.

Abantu abaningi bazi ukuthi inoni elenziwa yiTKZee noBenni McCarthy, elisihloko sithi Shibobo, laqhamuka noZwai Bala.

Empeleni kwaba wumqondo kaMagesh ngesikhathi bese-restaurant, bedingida ngengoma ababezoyenzela umqhudelwano webhola yeNdebe yoMhlaba ngo-1998.

INingizimu Afrika eyayizodlala kuwo okokuqala ngemuva kokuphuma kuhulumeni wobandlululo.

I-TKZee igqame kakhulu ngengoma ethi Phalafala kodwa inoni likaTokollo elithi Gusheshelamgqamisa kakhulu esehamba yedwa.

Yingakho uKabelo emfanisa noBeyonce kwiDestiny’s Child.

UKabelo uthi izinto zashintsha kuMagesh ngemva kwengozi yemoto enyantisayo eyenzeka eBotswana okwashona kuyo abantu ababili naye walimala kabi ekhanda.

“KunoMagesh ngaphambi kwengozi yemoto, noMagesh emuva kwengozi.

Angazi, angifuni ukuqamba amanga. Salahlekelwa ngokuthize kuleya ngozi yemoto.

Ngaphambi kwengozi, wawungeke umelane noMagesh nxa esephambi kombhobho.

Ngangihlale ngiyazi indawo yami.

Ngangihlala phansi ngifunde kuye,” kusho uKabelo.

UTokollo wagqigqa kakhulu enkantolo yaseBotswana emuva kwale ngozi iminyaka eyisikhombisa, isiphetho secala kwaba wukuphuma phambili.

Umculi ongasekho uMandoza wamhlonipha ngokuqamba indodana yakhe ngoTokollo.

Amabhadi abuye amlandela umfo kaMshengu njengoba ngo-2014 abuye waxabana nozakwabo, uZwai kangangoba waze wamgwazwa ngento ecijile ebusweni.

Kwaba sengathi kuyaphela ngeTKZee njengoba uTokollo wayesenuka njengeqaqa kodwa kwacaca ukuthi iTKZee kayilutho ngaphandle kukaTokollo.

Babuye bakhuza ibuya sebebonke futhi sebengamanxusa akwaTelkom.

—Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds