Ugcine ebekiwe uDeborah

26 May, 2022 - 00:05 0 Views
Ugcine ebekiwe uDeborah UDeborah Fraser

uMthunywa

SICINE sifihlwe ngoLwesibili enkonzweni ebimfitshane emathuneni eLala Kahle, eHillcrest, isihlabani somculo wokholo, uDeborah Fraser.

Lokhu kuza ngemva kokuhlehliswa kokufihlwa kwaso ngoMgqibelo, kulandela ukuhlasela kwezikhukhula eThekwini, ngempelasonto.

Emva kwenkonzo ebihanjelwe ngosaziwayo abehlukeneyo, eThe Station, eThekwini, kuphoqe ukuthi isidumbu sikaDeborah sibuyiselwe emakhazeni, njengoba besekuvele ukuthi ithuna lakhe seligcwele amanzi.

Ekhuluma esiteshini sezindaba sikamabonakude  esikhokhelwayo, uNkszn Lona Fraser, ongudadewabo kaDeborah omncane, uthe: “Sihlangene njengomndeni ngoMgqibelo, sakhuluma ukuthi angeke sikwazi ukuthi siyomfihla endaweni elamanzi.”

Uthe babonga kubalandeli bakhe labo bonke abantu ababasingathileyo ngesikhathi bebhekene lobunzima.

“Sibonga uthando elisikhombisile lona, lasisingatha, siyabonga,” kusho uNksz Fraser.

Inkonzo ibihanjelwe ngamalungu omndeni namaciko aseThekwini ambalwa, obekukhona kuwo uDJ Sox omele amaciko enhlanganweni iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA).

Phakathi kwabafundisi abebekhona, bekukhona umBhishobhi Vusi Dube      wodumo lweThekwini Community Church.

Ngaphambi kokuthi kwehliswe ibhokisi, kubizwe umndeni ukuthi undizise amajuba amhlophe.

Kube nomunyu emalungeni omndeni, ngesikhathi sekwehla ibhokisi, amanye awo abonakale, ehluleka ukuzibamba, asidinda isililo.

– Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds