Uncategorized

Ugajwe yisikhwele ‘wabulala’ ingane yentombi

25 Apr, 2024 - 00:04 0 Views
Ugajwe yisikhwele ‘wabulala’ ingane yentombi U-Ayabonga Mthethwa

uMthunywa

KUSOLWA isikhwele sokungafuni ukwaliwa kowesilisa obengusingababa obotshelwe icala lokubulala ingane yentombazane eleminyaka emibili, isidumbu sayo wasilahla egcekeni ngakibo.

Isehlakalo  sokubulawa kuka-Ayabonga Mthethwa senzakale eSiqungeni, eMthwalume ngoMgqibelo ebusuku.

Umsolwa okuthiwa ungumakhelwane kamufi, ubotshwe ngeSonto ekuseni wathweswa icala lokubulala.

Ngokutsho kukanina omncane ka-Ayabonga, uNkszn Anele Mthethwa, umsolwa ufike kuye ngosuku lwesehlakalo wathi uzothatha ingane uthunywe ngunina wayo behlezi laye komakhelwane.

Uthe unina wengane ubekade engekho ekhaya ngaleso sikhathi esezindaweni zobumnandi.

Lo owesifazane uqhubeke wathi uvumile ukuthi umsolwa ahambe lengane engazi ukuthi uyamkhohlisa kathunywanga ngunina wayo obesebunandini.

“Ngibe sengifonelwa unina wengane engibuza ukuthi ingane ikuphi? Ngamtshela ukuthi ithathwe umsolwa,” kusho uNksz Mthethwa.

Kuthiwa unina wengane ube esefonela amapholisa wabiza labekomiti elilwa lobugebengu emphakathini.

Ngaleso sikhathi kubikwa ukuthi umsolwa ubefonela ephindelela unina wengane emtshela ukuthi ingane ikuyena.

Lendoda kuthiwa itshayele unina wengane ucingo lokugcina imazisa ukuthi isiyibulele ingane, yayilahla ehlathini nokuthe kunikelwa khona, kanti udukisa umkhondo.

Usale wayilahla egcekeni eduzane kwethangi lamanzi, isidumbu wasimboza ngobhavu.

“Ingane ibiyiyona nje, asazi uyibulale kanjani ngoba ibingenazo izimpawu zokuklinywa noma izibazi emzimbeni.

“Sithe uma sibheka ngaphakathi emlonyeni, ubumhlophe esisola ukuthi mhlampe uyicwilise emanzini noma uyivale ngethawula emlonyeni eyincisha umoya,” kusho uNksz Mthethwa.

Uqhube wathi unina ka-Ayabonga nomsolwa bahlukane ngoFebhuwari nonyaka, ubekade esenesoka elisha.

Udalule nokuthi uyise kamufi abamazi ukuziphi izinkalo, ukhonjwa oShabeni, bagcina ukumbona ngo-2022 okuwunyaka okwazalwa ngawo ingane.

Udalule ukuthi bathole ucingo kuyise wengane wathi uzwile ukuthi ingane ishonile futhi uyeza.

Uchaze ubudlelwane bukadadewabo nomsolwa ngaphambi kokuthi bahlukane njengobebumuncu.

“Umsolwa ubenesikhwele kanti ekupheleni kukaMashi umgqeme izingozi ezimbili ekhanda, sekungokwesibili emshaya.

“Wamshaya emuva kokuthi ethole ukuthi udadewethu usenesoka elisha,” kusho uNksz Mthethwa.

Uchaze umsolwa njengomuntu obheke phansi, ombuka umethembe obungeke umcabangele ukuthi angabulala ingane ngoba naye unezakhe zabafana ezimbili ezisencane.

Ufuna inkantolo incishe umsolwa ibheyili futhi imgixabeze ngodilikajele.

UNksz Nombuso Sibisi ongusihlalo wenhlangano elwela abesifazane nezingane, iWomen of Mthwalume uthe sibashaqisile isenzo sikamsolwa.

“Singomama eMthwalume sithukile ngesenzo sika (egagula igama likamsolwa). Umthetho uzothatha indawo yawo athole isigwebo esimfanele,” kusho uNksz Sibisi.

Ube eseyala abantu besifazane wathi abaqhele ebudlelwaneni bezothando obungebuhle futhi abahlukunyezwayo kubona.

Uthe alikho ithuna lomuntu ongajoli kodwa maningi awabantu ababulawe emjolweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-34.

Ubekwe icala lokuthumba nelokubulala futhi uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe maduze.

UNetshiunda uthe kusolakala ukuthi ngoMgqibelo umsolwa nonina wengane babe nengxabano elandelwe wukuthi athumbe ingane kwaphetha ngokuthi ayibulalele kubo.-Isolezwe

 

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds