UDJ Tira uzolingisa emdlalweni weTV

12 Oct, 2023 - 00:10 0 Views
UDJ Tira uzolingisa emdlalweni weTV uDJ Tira

uMthunywa

UDJ weThekwini, uMthokozisi ‘Tira’ Khathi, uthembisa lukhulu emdlalweni owuchungechunge okhonjiswa ku-e.tv phakathi kweviki ngo-9 ebusuku, iSmoke & Mirrors. UDJ Tira uzobonakala lamhlanje kulo mdlalo enza adume ngakho futhi elingisa.

Ebuzwa ukuthi uwuthole kanjani lo msebenzi, uDJ Tira uthe igama lakhe endimeni yezokungcebeleka selilikhulu kakhulu. 

“Ngakho abadidiyeli bemidlalo yethelevishini sebelakho ukulokhu bengibiza ukuba ngivele emidlalweni yabo. Kusukela kudala ngezikhathi zoBongo kwiFamily Bonds, bengilokhu ngivela nje. Ngingathi nje, kancane, kancane ngiyavela.”

Akamutsha kule ndima yokulingisa uDJ Tira njengoba ngo-2017 eke wadlala lezingwazi zaphetsheya kwezilwandle, uDarrin Henson noCarl Anthony Payne, kuMy Zulu Wedding. Ubuye walingisa lakuMuvhango lakwenye ifilimu ebikhonjiswa kuNetflix esihloko sithi Uthando Lwethu.

Mayelana lomculo, uDJ Tira uthe usanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi, Malume Way.

“Ngisaqhubeka lokukhiqiza umculo ojabulisa abantu. Okumnandi ukuthi izinto azisafani lakuqala. Sekulula kabi ngoba izingoma sezivele ziphutshwe kuma-downloads. Ngisanda kukhipha umucu othi Cela Sikhulume (awenze loLwah Ndlunkulu loXolwa) lethi Korobela (ebophele uSkills, Marumba Pitch namaQ.Twins).”

Uthe okumenza ahlale evelela minyaka yonke yikuthi udidiyela umculo okhuluma labantu lothinta izinhliziyo zabo.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds