Ucina lonyaka uProverb kuma-Idols SA

09 Feb, 2023 - 00:02 0 Views
Ucina lonyaka uProverb kuma-Idols SA ProVerb

uMthunywa

OMUNYE uphrojusa wohlelo lomculo oluthungatha amakhono omculo kweleSouth Africa, ama-Idols SA, uProverb uthe iminyaka engu-18 benza lolu hlelo ngeke bayikhohlwe kalula.

UProverb ukutsho lokhu ngemva kokuvela kwezindaba zokuthi isizini yalo nyaka ka-19, kuzoba ngeyokugcina.
“Kube uhambo olugcwele umlando kakhulu njengoba besikhiqiza amaciko amanye awo asezakhele igama kuleli futhi enza kuhle emculweni. Sibe lamasizini esingeke size siwakholwe kalula kodwa bese kufike isikhathi sokuthi sivalelise.

Kukho konke ngeke sibakhohlwe abalandeli bethu okuyibona abebenza uhlelo lube yimpumelelo, okunye esithanda ukukubonga amajaji abe lathi kusuka ekuqaleni kuze kube manje,” kutsho uProverb.

Uveze ukuthi izinhlolokhono zesizini yokugcina zizovulwa ngoNhlolanja mhalaka 12. Ngesikhathi kugoqwa lolu hlelo ngoLwezi nyakenye baveza ukuthi yize igcikwane iCovid-19, selidambile kodwa ngeke babuyele endleleni yakudala yokuhambela amadolobha ahlukene. UGavin Wratten onguphrojusa walolu hlelo waveza ukuthi ukwenza inhlolokhono nge-internet kuvulela ngitsho abantu bakwamanye amadolobha abangakwazi ukuwahambela. UProverb unxuse intsha elamathalenta emculweni ukuthi izame inhlanhla okokugcina kulolu hlelo njengoba le sizini izabankulu. – Isolezwe.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds