Sisuse umsindo isithombe sika-Amanda Black

28 Sep, 2023 - 00:09 0 Views
Sisuse umsindo isithombe sika-Amanda Black Amanda Black

uMthunywa

ASITHI vu lakancane isihlabani somculi wakuleli okuse kuchwaza ezinkundleni zokuxhumana sisolwa ngokugqoka budlabha emcimbini omkhulu we-jazz obuseMafikeng, North West, ngempelasonto.

U-Amanda Black owaziwa kakhulu ngokukhonza imisiko yesintu, ungene kwiMaseru Jazz Festival egqoke ingubo emfitshane emibalabala ebiveza i-tight.

Le ngubo ebekulokhu kulunguza i-tight ngaphansi, ayizange iziphathe kahle ezinye zezihlwele lokwenze abantu batshaye amakhala ngendlela ebebukeka ngayo, bemsola ngokungawuhloniphi umcimbi.

“Ngikhokhele ithikithi uR250, u-Amanda ufika egqoke kanje ebusuku kwiMaseru Jazz Festival,” kusho uReba.

Abantu abayi nganxanye bengemanzi, bakhona nabangayiboni inkinga uma engakukhonzile ukuziphaqula nokuhambela phezulu esiteji.

“Alihlukane lo-Amanda, ziningi kabi izinto okumele sibhekane nazo njengokucima kukagesi, ukhetho lwango-2024 nezinga eliphezulu kokushoda kwemisebenzi nomnotho ontengayo,” kusho u-Nj_Kunene.

“U-Amanda owethu nathi singuye njengabantu baseNingizimu Afrika, ngeke sikuvumele ukuthi acokofulwe ezinkundleni zokuxhumana njengoMakhadzi owaba yinhlekisa. Kumele iphele le nto izwi lakhe elibalulekile, hhayi indlela abukeka ngayo esiteji. Izinwele zakhe nesikhumba kusho ubuyena,” kutsho uJoy Zelda.

U-Amanda selokhu kukhulunywa ngaye ubengakaziphenduleli ngalokhu. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links