Bakhiphe ingwevu ngeSiphetho se-e.TV

11 Apr, 2024 - 00:04 0 Views
Bakhiphe ingwevu ngeSiphetho se-e.TV Ingxenye yabalingisi bomdlalo omutsha, Isiphetho: The Destiny labasunguli bawo ngesikhathi esethulwa eGoli ngeSonto

uMthunywa

UQALE ngegiya eliphezulu umdlalo kamabonakude we-e.TV, Isiphetho: The Destiny oshukumisa izinto esiqetshini sokuqala.

Ungafunga ukuthi yifilimu esuke ikwazi ukuqoqa izigameko zidlale ngesikhathi esisodwa. Umdlalo osuzobonakala kusuka ngoMvulo kusiya ngoLwesihlanu ngo-6:30 ntambama, ubophele izintandokazi zabalingisi labatsha abagila izimanga kuwona usaqala nje.

Wethulwe ngokusemthethweni emcimbini owubukhazikhazi obuseCradle Botique Hotel eGoli ngeSonto.

Kubalingisi ababotshelwe kulo mdlalo, abanye babo abebeyingxenye yokwethulwa kwawo kukhona uLinda Sokhulu, Peter Mashigo, Gugu Gumede, Thulani Mtsweni, Charleston Nyathi, Nokwazi Dlamini, Smangele Mhlongo uMaka Chicken, Khaya Dladla, Tsholo Maseko ogila izimanga ngokudlala indawo yobugebengu lesoka lakhe, Jabulani Masilela, Sibusiso Sithole, Banele Zulu, Sphiwe Sithole, Thabiso Ramusi ozakhele udumo kwi-Adulting kuShowmax, Pastor Mjosty ongomunye wabalingisi abaphambili, Hlengiwe Mavimbela ogqame enguHlomu kuThe Wife, Kgope Kagae owaziwa ngoMrekza kuGenerations: The Legacy, Upile uThixo Bongco nabanye.

Lo mdlalo uvundulule ikhono lakubalingisi abatsha abaqalayo ukuthola ithuba lokulingisa emdlalweni wethelevishini labafike bathola izindawo eziphambili njengoSphiwe Sithole, Sibusiso Sithole Banele Zulu, Lindani “Walk-SA” Mhlongo labanye.

Okuqaphelekile abalingisi abatsha abathole izindawo eziphambili abakwaZulu-Natal futhi batholakale ngesikhathi kulenhlolokhono yalo mdlalo ebizungeza izifundazwe.

AbeBlack Brain Pitures engabanikazi balo mdlalo bathe balethemba lokuthi umdlalo uzokwazi ukunyusa izibalo zababukeli okuyinto ebhekeke kakhulu.

“Sibone ithuba lomdlalo ozongena esikhaleni sika-6:30 ntambama phakathi kweviki. Ukwenza kahle kwemidlalo yethu ngokubukwa kakhulu yikhona okwenze sathatha isinqumo sokuthi sizoshukumisa ngalesi sikhathi.

“Imidlalo yethu eminengi iba ngeminye ebukwa kakhulu kwa- e.TV lokwenze sabona silethuba lokuthi singakwenza lokho kulesi sikhala sika-6:30 ntambama phakathi kweviki,” kutsho uMandla. – Ubulembu.

 

Share This:

Sponsored Links