Sekuthenjelwe emthandazweni ngempilo kaMenzi Ngubane

28 May, 2020 - 19:05 0 Views
Sekuthenjelwe emthandazweni ngempilo kaMenzi Ngubane Caption: ONKE amathemba asebekwe emthandazweni ngempilo kaMenzi Ngubane okuthiwa uxinekile esibhedlela.

uMthunywa

ININGIZIMU Afrika ihlangane ezinkundleni zokuxhumana ithandazela ukululama okuphangisayo komlingisi wakulelo, uMenzi “Ngamla” Ngubane, okuthiwa uphathekile kakhulu esibhedlela seGoli iCharlotte Maxeke.

Ngokutsho kombiko wephephandaba langempelasonto, iSunday World, uMenzi uphuthunyiswe kulesi sibhedlela emva kokukhalaza ngokungazizwa kahle emzimbeni. Leli phephandaba lithe lizwe ngomunye wabahlengikazi bakulesi sibhedlela ukuthi udluliselwe egunjini labagula kakhulu. Nomunye abelingisa laye kuSibaya kuthiwa ukuqinisekisile ukuthi uzakwabo akaphilile neze kahle kodwa banqatshelwe ukuyombheka esibhedlela ngoba kuvunyelwe unkosikazi wakhe, uSikelelwa Ngubane, kuphela.

Lomkakhe ucashunwe ethi “…Udaba lwangasese. Angifuni ukuba semaphepheni kodwa ngizoxhumana lomndeni kuqala bese ngibuyela kuwe.” Nomethuli wohlelo lwethelevishini kuMoja Love iTMI, uPhil Mphela, ubhalile ngokugula kukaMenzi.

Phakathi kosaziwayo asebephumele obala bacelela uMenzi ukwelulama kubalwa lomsakazi osengumakadebona kuleli, uBob Mabena, obengumholi weDA uMnuz Mmusi Maimane, imbongi uNtsiki Mazwai, uCriselda Kananda lestebela somculo, i-Ambitious Entertainment.

UMenzi, obenguJudas Ngwenya kuSibaya, wake wahlutshwa yisifo sezinso kangangoba waze wayofakwa enye eminyakeni ebalelwa kwelitshumi eyedlilule. Yize inengi lilethemba kodwa ikhona ingcosana esithanda ukulahla ithemba.

Kwenzeka lokhu nje bekusanda kumenyezelwa ukuthi usejoyine umdlalo owuchungechunge lawo osakazwa kuMzansi Magic, iThe Queen kanti ubesavela kuthelevishini ekhangisa ngenkampani yomshwalense i-Assupol.

Lumlingisi (56), odabuka eMnambithi, waqala ukuzakhela igama ngendawo kaCijimpi ayeyilingisa emdlalweni wethelevishini owawuthi Kwakhala Nyonini ngo1987, wadlulela kuBambo Lwami, Yizo Yizo, Generations, Soul City, Gaz’lam, Gold Giggers, Ashes To Ashes nefilimu eyayithi How To Steal R2 Million. Ngo2008 wake wahlabana ngesamba sikaR1 million ngokudla umhlanganiso emqhudelwaneni iStar of Mzansi. Ukuphawula komndeni bekungakatholakali. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds