Uncategorized

Otshaywe yisifo sohlangothi kagijimele kudokotela

05 Jan, 2023 - 00:01 0 Views
Otshaywe yisifo sohlangothi kagijimele kudokotela

uMthunywa

UHLANGOTHI yisifo esihlasela ubuchopho sibone sekuzwela ohlangothini olulawulwa yileyo ngxenye yobuchopho.

Ubuchopho bulawula ukusebenza komzimba ngokwehlukana kwakho, asithi nje kulengxenye yobuchopho elawula ukunyakaza, kulenye ezothi hamba endlini encane uyechitha isinye sesikuthuma.

Igazi lidlala indima enkulu ekuxhumaniseni lo msebenzi oqakathekileyo kangaka, yilesi sizatho kubalulekile ukufinyelela njalo kwegazi ebuchotsheni futhi libe ngesikalo langezithako ezifaneleyo.

Igazi eliya ebuchotsheni lisuka lithwele umoya olamandla lohlanzekileyoi, lifike liwutshiye lumoya bese licosha umoya omdala osungcolile libuyele lawo emuva uyohlanzwa emaphatshini. Ngalindlela silakho ukuhamba ngenyawo zethu, sigijime, sikhulume ngemilomo, sixhawule abantu ngezandla, umzimba usithume endlini encane siyozikhulula, kubenjeya. Kubalulekile ukuthi igazi leli eligijima ngemithambo, lifike liseyilo ebuchotsheni. Ngitsho noma ngabe yini ezokwehlisa umumatho lengathikameza amakhemikhali amumethwe ligazi, kutsho ukuqala kwezinkinga.

Ake sithi imigwaqana ebuchotsheni ehambisa leligazi isiyatshintsha ayisabi uthela wayeka njengenjwayelo, lokhu kutsho ukuthi leya ndawo okumele ihlale ithola umumatho ongakaya, ayisawutholi. Ngokunjalo kuzaqala ukuzwela emzimbeni; mhlawumbe uzozwa isiyezi, kuthi zibaba, kokunye yikhanjana, inkwantshu kuleyo ngxenye yomzimba elawulwa yileyo ngxenye yobuchopho.

Kwesinye isikhathi umgwaqwana awunciphi nje kodwa uvaleke thaqa kuthiwe akudluli lutho. Lokhu kuchaza ukuthi leyo ngxenye yobuchopho ebilinde lelo gazi ayizukuthola lutho.

United Bulawayo Hospital

Okunye okungenzeka, imithanjana ehambisa leli gazi ivele igqashuke ebuchotsheni, siyayibona inkinga?

Lalapho kuleyo ngxenye yobuchopho elindele lelo gazi ayizukuthola lutho.

Emizimbeni umphumela yini?

Usushaywe luhlangothi, uhlangothi luyavendlenzeka, usuwe phansi akusahambeki, uyehluleka ukukhuluma, intamo ibheka eceleni, amathe ayajuza, uyazichamela lendle iyaziphumela. Isifo sohlangothi senzeka ngale ndlela!

Kunengi ziba khona izinto ezenzeka emzimbeni eziba ngamabika, njenganje: ikhanda ongalijwayele, isiyezi, kuthi zibaba, inkwantshu engxenyeni yohlangothi, ulwimi lushwabane, intamo ijijeke, unkwankwaze ulwimi lugoqane ushwashwade amazwi angaphumiseleki, abanye babelamalimi into ongayijwayelanga.

Abantu bakithi bakhetha ukunganaki bazibe nje, okanye baye kubantu abathile, kungaba umelaphi wendabuko, umthandazi, abanye bahambe bayofuna umhlola? Unhlangothi usuqalile la, angithi?

Ukulima kuya phambili. Angilankinga nokuya kumelaphi wendabuko.

Engifisa kwenzeke yikuthi uma unqume ukuyokwelatshwa ngaleyo ndlela yini ungahlali kuye akwelaphe uze usinde? Sifikelani kudokotela okanye emtholampilo sekudlule isikhathi uhlangothi lukutshayile sewuze wendlaleka wajula?

Uhlangothi ufuna ukwelatshwa usaqala, ngiyaphinda abantu bakithi mabaye kubodokotela ekuqaleni singakajiyi isifo!

Okujwayele ukwenzeka yikuza kudokotela ngemva  kwesikhathi eside sezizinengi izindawo esezilimele emzimbeni. Ekucineni kusitshiya lebala elithi siyehluleka ukwelapha uhlangothi. Uma uqoke ukuyoqala ndawondawo isigulane sivinjwa yini ukuhlala selatshwe khona kuze kube sekucineni?

Sifunelani ukuhlala njalo sidlaliseka injeje kuzekwakheke isithombe esibi esithi uma esengene lapha ngeke abuye! Sekwaze kwabalenkoleloze ethi uma utshaywe lunhlangothi awusindi uma ungaqalanga kuphikuphi ngaphambi kokuthi uye kudokotela. Amanga aluhlaza la, ayikho into enjalo.

Ngicela ukuphinda ngithi otshaywe lunhlangothi makasondele masinya kudokotela. Isifo sohlangothi siyaphindana, ngokulandelayo siba sibi kakhulu kulesangaphambilini futhi uma ungelatshwa ngokupheleleyo kuyakwazi ukulandelana masinyane.

Nakhu okunye okubaluleke kakhulu, lesi sifo senza kuncitsheke umoya olamandla ebuchotsheni, uma ogulayo angekele ukugijimela ukuza kudokotela wenza ukuthi athi noma esesindile kodwa abelalokho nje ukungathi zatsha emqondweni okanye agcine eselesifo sokuwa.

Uma utshaywe lunhlangothi fika kudokotela masinyane, uzathola ukwelatshwa okuphephileyo. – Isolezwe

Share This:

Sponsored Links