Kuphelile ngoZolisa kuGomora

28 Apr, 2022 - 00:04 0 Views
Kuphelile ngoZolisa kuGomora IZOKHULA indawo kaKatlego Danke olingisa indawo kaThati emdlalweni iGomora, uZolisa Xaluva osekuqinisekisiwe ukuthi uyatshiya kulo mdlalo

uMthunywa

KUPHELILE ngendawo kaMelusi obelingiswa nguZolisa Xaluva emdlalweni iGomora, kuMzansi Magic (161), phakathi kweviki.

Isiteshi uMzansi Magic sikhiphe isitatimende lapho esicacise khona ngokuzokwenzakala kulo umdlalo kusizini yesithathu.

Isolezwe belisanda kuveza izindaba zokutshiya kukaZolisa kulo mdlalo njengoba kuvele ukuthi kukhona okungahambi kuhle phakathi kwakhe lophrojusa.

Esitatimendeni, uShirley Adonisi obhekele izinhlelo kwaM-Net, uveze ukuthi imidlalo enguchungechunge idalelwe ukuthi kube khona izinguquko ezithinta abalingisi ukuthi bahambe baphinde babuye uma kwenzeka.

“Sithanda ukubonga kakhulu kuZoliswa Xaluva ngegalelo alikhombise kulo mdlalo kusuka uqala kuze kube manje njengoba ebe ngomunye wabantu owenze waba yimpumelelo.

Indawo kaMelusi uyenze yathakazelelwa ngabanengi.

Sifuna lokubonga uBuyile Mdladla obelingisa indawo kaPhumlani laye owenze umsebenzi oncomekayo.

Buyile Mdladla

Sibheke phambili ukuthi sisebenze labo kweminye imidlalo esizoyikhombisa eziteshini zethu ezehlukene,” kuchaza isitatimende.

Uthe isizini entsha izashiya ababukeli balo mdlalo bebambe ongezansi.

“Isizini yesibili yalo mdlalo beyigxile othandweni oluthinta abalingisi abathathu, uMelusi, uThati loGladys.

Ekupheleni kwesizini yesibili sibone uMelusi elahlekelwa nguThati, ethathwa ngomunye wesilisa futhi ecela isehlukaniso loGladys.

Isizini yesithathu iphethe okukhulu okuzotshintsha lo mdlalo njengoba uMam Sonto emangazwa futhi ebona izinto ezenziwa nguThati ophenduka umgulukudu wesigebengu,” kutsho uShirley.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi ngemva kokuvela kwezindaba ezithi uZolisa ulezinkinga kulo mdlalo, ngeSonto kube lomhlangano lapho kuthathwe khona isinqumo sokuthi iqedwe indawo yakhe.

– Ubulembu

Share This:

Sponsored Links