Uncategorized

Kudutshulwe kwabulawa obekhulelwe amawele

02 Mar, 2023 - 00:03 0 Views
Kudutshulwe kwabulawa obekhulelwe amawele

uMthunywa

UBULAWE ezovuka ngakusasa ayohlinzwa owesifazane obekhulelwe amawele odutshulwe wabulawa ngentululwane yezinhlamvu kusehlakalo esenzakale ngoLwesibili eNkivane, eBhamshela.

Kubikwa ukuthi uNkosikazi Nompumelelo Zanele Khanyile (21), weMtubatuba udutshulwe ngabantu abangaziwa esendlini, evakatshele uyise wezingane zakhe. Kuthiwa lesi sehlakalo senzakale ehleli lomamezala wakhe, isoka lakhe lisaphumile liye komakhelwane lihambise i-laptop ebeliyibolekile.

Kuthe esesukuma elungisela ukuyolala uNkszn Khanyile, njengoba ubezavuka ekuseni aye esibhedlela, kwaqhuma inganono umsolwa esilunguzise ngewindi isibhamu, edubula ebhekise kuNkszn Khanyile, otshonele endaweni yesehlakalo.

ILANGA lihabule ukuthi udutshulwa nje, isoka lakhe belike lathola izinsongo zokulibulala.
Kubikwa ukuthi bekungekhona okokuqala kuhlaselwa kudutshulwa kubo kwesoka njengoba ngonyaka owedlule kwadutshulwa umuzi kodwa kwakungekho muntu ngaleso sikhathi. Kulesi sigameko sokubulawa kukaNkszn Khanyile bese kungokwesithathu kuhlaselwa.

Izehlakalo zokuhlaselwa komuzi wakibo kwesoka ziqubuke ngemuva komdonsiswano wokubanga izikhundla okwenzeke enhlanganweni eholwa nguMnu Minenhle Dlamini (uyise wezingane zikamufi), kukhona abebengafuni ukukhitshwa ezikhundleni.

UMnu Dlamini (25), ukhulume naleli phephandaba esekubhaceni, ulibeke ngembaba elokuthi unina wezingane zakhe, nezingane unesiqiniseko sokuthi babulawa nje ababulali bebefuna yena.

“Ngibuhlungu kakhulu ngalokhu okwenzekile. Ubehlanganisa izinyanga ezingu-9 ngosuku abulewe ngalo, sizovuka ngakusasa siye esibhedlela eyobeletha. Ubefikele ukuthi azobeletha ngapha.

Ubezobeletha bese ngimyisa kubo eMtubatuba bese sithumela abakhongi beyocela isihlobo esihle,” kusho yena.

Uthi inhlanganiso esuse emsindo yaze yamakhela izitha, uyisungule ngonyaka ka-2017. Uthe uma kungukuthi umndeni wakhe uhlaselelwa umsebenzi wakhe, akazimisele ngokuwuyeka ngoba usebenzela umphakathi.

“Uma kumele ngife nami ngoba ngisebenzela abantu bakithi abahlwempu, kulungile,” kutsho yena -Ilanga.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds