Uncategorized

Kubulawe owesifazane lengane belele endlini

20 Oct, 2022 - 00:10 0 Views
Kubulawe owesifazane lengane belele endlini

uMthunywa

WETHUKA izanya umdeni wako-Dube, eMangosuthu, eDumbe, ngemva kokuba umgulukudu ungene khona entathakusa yango-Lwesihlanu, wadlwengula indodakazi yakhona wayibulala lengane kadadewabo eleminyaka emithathu ubudala.

Kuthiwa umbulali ugqekeze isicabha wadlwengula uNkszn Mbali Dube (21) maqede wamgwaza amanxeba angu-15 ngaphambi kokuba abulale uSiyethemba Dube (3), obelele loMbali embhedeni. Umdeni utshele ILANGA ukuthi enye yezingane ebikhona endlini, isizwe yikuzilalisa ngesikhathi umbulali egila lo mkhuba. Kuthiwa ingane esindile yiyona ehlabe umkhosi ngesikhathi umbulali esebalekile emva kokugila lo mkhuba.

UNkszn Bonisiwe Ntshangase ongudadewabo kamufi, uthi lamanje basaxakekile ukuthi ngubani lo owenze into ebuhlungu kangaka. Uthi isihluku esisetshenziswe ngumbulali, sikhombisa ukuthi ubehlose ukuqeda ngodadewabo. Isigebengu sikhahlele isicabha, sangena sadlwengula uMbali. Siqede lapho samgwaza siphindelela. Sisuke lapho sajikela kuSiyethemba samtshaya ngesando ekhanda, samgwaza ngaphambi kokuba sibaleke. “Umdeni uze wavuka ngoba sekukhala ingane ebikhona endlini, okuyiyona ebonile kubulawa unina omncane. Sifike uMbali esaphefumula, kubonakala ukuthi usezinhlungwini. Uphuthunyiswe esibhedlela okuyilapho etshonele khona.

“Yilapho esithole khona ukuthi umbulali uqale wamdlwengula. Ibuhlungu into eyenziwe yilo muntu lapha ekhaya, ekhipha imiphefumulo yezingane zisencane kangaka!” kubalisa uNkszn Ntshangase othi akukho abakusolayo njengomdeni mayelana lokuthi ngubani owenze lokhu.

UNkszn Thulebona Mthethwa oyikhansela kule ndawo, uthe ubugebengu sekuyinto eqala ukwanda endaweni yabo njengoba emasontweni embalwa edlule kuke kwathunjwa ingane. “Ngenhlanhla itholakale umuntu oyithumbile engakayenzi lutho. Lesi sigameko esenzeke kwaDube, sesenze isimo saba nzima kakhulu emphakathini ngoba usuhlala ngokwesaba manje,” kutsho uNkszn Mthethwa. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links