Uncategorized

‘Induku’ ibhajwe kwisipanela ‘kudlalwa’ izithandani zizitika ngocansi

19 May, 2016 - 00:05 0 Views

uMthunywa

London – Owesifazane uphoqeleke ukuhambisa isoka lakhe ebelikanukela ucansi esibhedlela ngemuva kokuba ‘induku’ yalo ibhajwe kwispanela, okwenze ukuthi ibebuhlungu futhi ivuvukale.

Ngokusho kombiko wephephandaba lakulelolezi zithandani zase-Australia kusolwa ukuthi zizebenzise ithuluzi ukuzigculisa ngokocansi ngesikhathi zizitika ngalo.

Bekumnandi kudlalwa kodwa kuthe sekufanele sikhishwe isipanela, induku ibisivuvukele, ibuhlungu, ‘induku’ isibhajwe kwisipanela. Nakuba lezi zithandani zize zasebenzisa amafutha zizama ukukhipha isipanela ayizange iphume.

Abezindaba i-UK Metro babike ukuthi lezi zithandani ziphoqeleke ukuthi zibize abezicishamlilo ukuze bezolekelela kulemihlola mase kuphuthunyiswa lo wesilisa esibhedlela.

Kuthiwa izicishamlilo zisebenzise ithuluzi lokusika i-grinder ukukhipha lesi sipanela ngaphambi kokuphumisa le ndoda esibhedlela ukuze izothola ukwelashwa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links