Bacela imithandazo ngoZahara osesibhedlela

30 Nov, 2023 - 00:11 0 Views
Bacela imithandazo ngoZahara osesibhedlela Zahara

uMthunywa

UMNDENI wesihlabani somculo we-Afro Soul kuleli, uBulelwa “Zahara” Mkutukana, sewuqinisekisile ukuthi lo mculi usesibhedlela.

Ngokwesitatimende esithunyelelwe Isolezwe, umndeni wakwaMkutukana uthe lo mculi usenesonto esesibhedlela emuva kokuphuthunyiswa khona eqaqanjelwa yizinhlungu.

“Odokotela basebenza ngokuzikhandla futhi silindele imibiko yakamuva kubo. Yize ukwelashwa kwendodakazi yethu bekuseyimfihlo yomndeni nabangani abasondelene nayo kodwa lokho akukuvimbanga ukusabalala kwemibiko engesilo iqiniso kwi-internet. Sifuna ukukugcizelela ukuthi nanoma yimiphi imibiko emayelana nempilo kaZahara izokhishwa nguye emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana. Okwamanje sisacela ukunikezwa isikhathi sokubhekana nalolu daba futhi niqhubeke nokuthandazela ukuba uZahara wethu asheshe alulame. Siyethemba ukuthi uzobuya kungekudala, aqhubeke nakuthandayo nesimthandela khona. Elaphe abantu ngesipho sakhe esikhulu nangothando lomculo,” kuphetha isitatimende.

Imithombo yezindaba ehlukahlukene ibika ukuthi uZahara (36) uphuthunyiswe esibhedlela kukubi futhi wangeniswa egunjini labaxinekile.

UZahara kuthiwa uxinwe ukugula esibhedlela saseGoli.

“Lo mculi, owaduma ngengoma ethi Loliwe, uqale wafakwa egunjini labangaxinekile ukuze axilongwe kodwa kwaphoqeleka ukuba akhishwe khona ngenxa yokuthi ukugula bekungazibekile phansi. Ube esephuthunyiswa egunjini labaxineke kakhulu esibhedlela esizimele eGoli,” kubika iZimoja.
Iqhuba imithombo ithe uZahara uguliswa yisibindi esibukeka sizodinga ukushintshwa.

“Amanye amalungu omndeni wakhe ase-East London asethelekile eGoli ukuzozimazisa isoka lakhe, uMpho Xaba. Kubanjwa imithandazo eGoli nase-East London ukuze alulame. Umndeni wakhe wenza konke okusemandleni ukukhokhela izindleko zesibhedlela ngoba akanayo i-medical aid,” kucashunwa umthombo.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds