Uncategorized

Abobulili obufanayo benqatshelwe ukuphatha inkonzo

25 Aug, 2022 - 00:08 0 Views
Abobulili obufanayo benqatshelwe ukuphatha inkonzo Umfanekiso uthethwe ku CPER

uMthunywa

APHUME inqina kamabuyaze ngeSonto amalunga ebandla labathandana lobulili obufanayo, iVictory Ministry Church International, eThekwini, abezimisele ngokuphatha inkonzo yokucina yelunga lawo elizalwa ebukhosini bakoDube, eNkungwini, koDukuza njengoba umdeni ungawanikanga ngitsho lelokubeka izwi ithuba. Abaholi baleli bandla bavale izindlu zamaSonto abo bezitshela ukuthi bayongcwaba uNkosazana Siphilile Dube (39), ozalwa yiNkosi Zwelabantu Dube, nayo eseyendela koyisemkhulu.

ILANGA belikhona enkonzweni, abaholi baleli bandla — abebeholwa nguMphostoli Manzini Zungu ozinze eThekwini — kabanikwanga ithuba lokuba yingxenye yenkonzo yokuvalelisa umufi. Ngemuva kwenkonzo bakhulume naleli phephandaba baveza ukuthi baneminyaka eyisikhombisa bekhonza nomufi. UMphostoli Zungu uthe kabanankinga futhi kabakufihli ukuthi ibandla labo ngelabantu abathandana nobulili obufana nobabo. “Siphatheke kabi ngokuthi umndeni wasebukhosini bakwaDube usebenzise budlabha amandla awo ukulwa nathi ngalolu hlobo. Kucacele bonke abantu ukuthi kulwiwa impi yobulili.”

NgoLwesihlanu sivumelane ngokuthi sizowuphatha umsebenzi kaSiphilile, namuhla sifika siphendulwa izichuse. Ngikhuluma nje, akukho ngisho noyedwa esihamba naye onikwe ithuba lokukhuluma. Umndeni walapha kusafanele uthole ithuba uchazelwe kabanzi ngempilo yabathandana ngokobulili obufana nobabo. Inkosi sikhulumile nayo savumelana, kodwa sikholwa wukuthi ishintshwe ngamalungu omndeni ukuze kuzovalwa thina,” kusho uMphostoli Zungu.

Okhulumela umndeni wakwaDube, uMnu Babo Dube, uthe akukhona ukuthi kunenzondo ebhekiswe kubantu abathandana nobulili obufanayo. Uthe bekuzobe kungekhona okokuqala leli bandla liyophatha umngcwabo njengoba nangonyaka odlule belikhona ngosuku lomngcwabo kaNkszn Veronica Dube, ongunina kamufi. Uveze ukuthi bebengeke balivumele ngoba kuningi okungalungile elakwenza nyakenye.

“Lapha kusebukhosini, kasikwazi ukuvumela abaphila impilo engahambisani namasiko esizwe. Besingeke sivumele ukubuswa wumthetho wentombazane ngoba udadewethu akagananga futhi akalotsholwanga ndawo. Nempilo abeyiphila kasiyazi, siqale ukuyibona ngenkathi kudlule umama emhlabeni. Besingeke sikwazi ukuvumela leli bandla ngoba ligcona abantu abaningi nezinkolo ezinye ngenqubomgomo yazo. Ubukhosi buyahlonishwa.

Uma bebefuna ukuvalelisa ilungu labo, bekufanele bahlele inkonzo yabo emahholo bakhonze khona. Lapha ekhaya kuphethe ibandla lamaNazaretha. Bona mabakwemukele ukuthi kabavumelekile ukuba lapha ekhaya ngokohlelo lwabo. Kasinankinga nenkolo yabo uma bezoyiqhuba ngaphandle kwaleli khaya ngoba lapha kusebukhosini,” kutsho uMnu Dube.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links