Uthi uyaphila umlingisi okuthiwa utshone engozini yemota

23 Feb, 2017 - 00:02 0 Views
Uthi uyaphila umlingisi okuthiwa  utshone engozini yemota ULeon Schuster

uMthunywa

CAPE Town — “Ngiphila njengosheleni khona lapha eNingizimu Afrika. Ngimele ukunakwa, kodwa hhayi ukuba nguMengameli.”

Lokhu kushiwo usomahlaya odumile, ophinde abe ngumlingisi, kanye nomculi, uLeon Schuster, ngesikhathi ekhuluma neNetwerk24 ngemuva kokusabalala komyalezo kaWhatsApp othi uSchuster ushone engozini yemoto.

Lo myalezo ufundeka kanje: “Izindaba ezimbi bafowethu. Ingozi yemoto idlule nempilo kasaziwayo odumile.

Ngiyahluleka ukucabanga iNingizimu Afrika ngaphandle kukaLeon Schuster. Ubengomunye wosomahlaya abahamba phambili ezweni. Sizokukhumbula. Lala ngoxolo Leon! Uyacelwa usabalalise lo myalezo . . .”

USchuster uthi abantu abagulayo kuphela abangasabalalisa izindaba ezinje.

Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi loluhlobo lwemiyalezo selusatshalaliswa kakhulu kunakuqala kulezi zinsuku.

“Alikho iqiniso noma ngabe yini kulo myalezo. Abantu ababoni yini ukuthi sinabathandiweyo. Umama wami oneminyaka engu-95 uzomelwa yinhliziyo uma efunda lo myalezo,” usho kanjalo ekhuluma neNetwerk24.

USchuster ube esenza ihlaya ngokuthi yize noma abantu abambalwa bengathanda ukuthi afe, njengoTrump, kodwa usaphila saka futhi uwumqemane.

— Channel24

 

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds