Uncategorized

Zitholwe efrijini izicubu zendoda eyathunjwa

12 May, 2016 - 00:05 0 Views
Zitholwe efrijini izicubu zendoda eyathunjwa

uMthunywa

ZITHOLAKALE efrijini lomsolwa ngoLwesithathu ntambama izicubu zomlisa ona-23 owaqunywa isitho sakhe sangasese wakopolwa amehlo ngabantu abasolwa ngokuba ngabangcwabi baqede bamlaxaza eceleni komgwaqo eMame, oLundi, ngeSonto ekuseni.

Umsolwa ogama lakhe elingakadalulwa ngenxa yokuthi akakaveli enkantolo, kulindeleke avele eNkantolo yaseMahlabathini namhlanje.

Umndeni wesisulu, uMnuz Siyabonga Ngema (23) waseDumaneni khona oLundi, uthembise ukubhikisha ngaphandle kwenkantolo uzwakalise ulaka lawo ngesihluku sabasolwa.

Okhulumela amaphoyisa eKwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe umsolwa ugcine eseziculela ngemuva kokuphonswa imibuzo.

“Ube eseholela amaphoyisa emzini wakhe lapho efice khona izicubu zomuntu efrijini lakhe.

Athole isitho sowesilisa sangasese namehlo. Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ukuze abhekane necala lokuzama ukubulala nelokuthumba,” kusho uZwane.

Ukutholakala kwesitho sangasese sikaNgema namehlo kubuyise ithemba emndenini obukhathazekile ngokuthi abasolwa baziyisaphi.

Uyise omncane kaNgema ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa uthe kuwududuzile umndeni ukuthola umbiko wokuthi izicubu zitholakele yize wazi ukuthi ngeke zisabuyiseleka.

“Siyabonga emaphoyiseni asebenze ngokushesha ukuthola izicubu zikaSiyabonga.

Asazi ukuthi njengoba zifakwe efrijini bezizokwe-nziwani. Sibonga nje ukuthi ngeke zisafinyelela ezandleni zabenzi bobubi.

“Kubi khona ngoba noma zitholakele ngeke zisamsiza ngalutho uSiyabonga. Kuyimanje uSiyabonga usezinhlungwini esibhedlela, asazi nokuthi uzophila yini.

Silokhu sikhulekela ukuthi iNkosi imsize asheshe alulame,” kusho uyise omncane.

Uthe bazoya ngobuningi babo enkantolo beyobhekana nomsolwa obazwise ubuhlungu obeqile.

“Sifuna umhlaba wonke wazi ngobulwane balo muntu.

Sididekile ukuthi kumele senze njani ngoba ziningi izihlobo zethu esizibhalise kulo masingcwabisane umsolwa asebenza kuwo.

“Kube kuhle zisheshe zitholakale (izicubu) ngoba kuyacaca ukuthi kukhulu obekuzokwenziwa ngazo njengoba zitholwe efrijini.

Babezitshela ukuthi bamshiye efile kanti ngomusa kaNkulunkulu uzophila,” kusho uyise omncane.

Ilungu lomphakathi lithe bayawuncoma kakhulu umsebenzi wamaphoyisa ngokushesha kutholakale izicubu zikaNgema.

“Sifisa sengathi amaphoyisa angabamba nalaba balisa ababili okuthiwa babehamba nomsolwa ngesikhathi bethumba lo mlisa maqede bamnquma isitho sakhe sangasese.

“Kumele bajeziswe bonke abathintekayo. Amaphoyisa angabe esamdedela umsolwa.

Kuningi asazokukhipha njengoba ekwazile nokusho lapho afihla khona izicubu.

Sifuna ukuthola ukuthi le nto bayenzeleni nokuthi bebekade beqala yini,” kusho ilungu lomphakathi.

Okhulumela inhlangano yabangcwabi eZululand, iSouth African Funeral Practitioners Association, uNksz Thenjiwe Khubisa, uthe lesi senzo sesithuse umphakathi okwenza usabe zonke izinhlangano zabangcwabi kule ndawo.

“Ngeke sivume kuphazamiseke amabhizinisi abantu abaningi ngenxa yomuntu oyedwa ongesilo ngisho ilungu lethu,” ubeke kanje.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds