Uncategorized

Waliwe umakoti olendevu lebhesi

28 Jun, 2018 - 00:06 0 Views
Waliwe umakoti  olendevu lebhesi

uMthunywa

UFAKE isicelo sesehlukaniso umlisa wase-India othuke wacitshe wawa phansi ethola ukuthi umakoti atshada laye ulendevu futhi ulephimbo lomuntu wesilisa.

Lumkhwenyana ubengakaze abonane lalo owesifazane ngaphambi kosuku lomtshado, njengoba kade engeyona ingxenye yezingxoxo zokukhonjiselwa.

Ukhale ngokuthi babeke babonana kudala, wabuye wahamba umkhwenyana waya kwenye indawo asebenza kuyo.

Langalolosuku lomtshado owesifazane ubegqoke ezimboze ubuso, ngokosiko lwakubo uma kutshadwa.

Bathe beqeda ukutshada sekufanele babonane, yababaza ibhadi indoda isibona ukuthi umakoti akekho esimeni sokuba ebisilindele.

Le ndoda ayichithanga sikhathi, inikele enkantolo yendawo yacela ukuthi bawuhlukanise umtshado wabo kungakapholi maseko behlanganisiwe.

Kuthiwa umakoti uvumile ukuthi ulayo inkinga yokukhula kwendevu angayazi ukuthi idalwa yini.

Uthe lokhu kuhambisana lokuthi iphimbo lakhe libe sengathi ng wesilisa.

Kuthiwa inkantolo ebilalele lolu daba, ithe lokhu kungalungiswa ngobuchwephetshe bodokotela esikhundleni sokuthi kuphele umtshado. — The Daily Mail

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds