Uncategorized

Uzinikele uyise ‘olengise’ izingane zakhe ezimbili

15 Aug, 2019 - 00:08 0 Views
Uzinikele uyise  ‘olengise’ izingane zakhe ezimbili

uMthunywa

ZIMKHALELE ubaba (38) weMpembeni, eMpangeni, osolwa ngokubulala izingane zakhe ezimbili ngokuzilengisa.
Kuthiwa uyise walezi zingane, eleminyaka eyisikhombisa leleminyaka emine usolwa ngokubulala izingane ngokuzilengisa ngoMgqibelo.

Ngokuthola kwephephandaba leSolezwe, uyise wezingane uzinikele emapholiseni, ngemuva kwesehlakalo lesi amapholisa asehamba laye wayawatshengisa lapho enze khona umonakalo, langempela awufica.

Okhulumela amapholisa eKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amapholisa abophe uyise wezingane ngemva kokuthi zitholakale zilenga endlini.

Uthe enye ingane itholakale ilenga ekamelweni, enye yatholakala ilenga endlini yangasese kayise. UCaptain Gwala uthe bekulindeleke ukuthi uyise wezingane avele emthethwandaba kaMantshi eSikhaleni izolo.

Ukhansila wakule indawo, uNkosikazi Jabu Hadebe uthe lamanje basethukile ngesehlakalo sokubulawa kwezingane, okukhona kuzo ebifunda eMpembeni Primary.

“Imininingwane ngokuthi yini eholele ekuthini kwenzeke lokhu asikayazi. Kodwa kube buhlungu ukuthi sizwe into ebuhlungu kangaka, phezu kwazo zonke izehlakalo ezimbi esezike zenzakala kule indawo,” kutsho uNkkz Hadebe.

Uthe bahambele ekhaya lalubaba ngemva kokuthi bezwe ngesehlakalo sokutshona kwezingane.
UNkkz Hadebe uthe abazi noma kuliqiniso yini, kodwa bathole ngomakhelwane ukuthi uyise wezingane uke wazama ukuzibulala kuqala andubana abulale izingane zakhe.

Uthe abakwazanga ukukuqinisekisa ukuthi lokhu kuliqiniso yini njengoba befike kungekho muntu emzini walindoda, ebibotshiwe.

UNkkz Hadebe uthe umbiko awuthole izolo ebantwini abebeyobona umdeni, ngowokuthi umdeni usesizini njengoba ungazi ukuthi uzothathani uhlanganise lani ukuze ubeke abantwana.
Isolezwe lithole ukuthi uyise wezingane ube lengxabano lonina wazo ngaphambi kokuthi kwenzekale lesisehlakalo. Kodwa akucaci ukuthi ingxabano ibimayelana lani. — Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds