Uncategorized

Uvulelwe icala umqatshi ‘oklinya’ izisebenzi

29 Apr, 2021 - 00:04 0 Views
Uvulelwe icala umqatshi ‘oklinya’ izisebenzi

uMthunywa

ZIYATHUTHUMELA izisebenzi zenkampani yezimota ezithwala impahla iTruns Lee, eseMontclair, zinengwa ngumqatshi wazo abathi uyabaklinya uma bengaphuza emsebenzini noma uma bebuza ngezimali zabo ezishotayo.

Ngokuthola kweSolezwe NgoMgqibelo, sibi kakhulu isimo kule nkampani njengoba izisebenzi zakhona ezinengi seziqala ukunengeka ngesenzo salo umqatshi obizwa ngo-Irvin.

Kuthiwa umqatshi akagcini ngokubaklinya kuphela uma befike emva kwesikhathi kodwa lalabo abathi nkete ngemiholo yabo engamakinati, labo ubenza njalo. Esigamekweni sakamuva kuthiwa umqatshi ubelengxabano eshubile loMnuz Thembelihle Cele (34), ongowasePorts Shepstone ngokuzalwa, kodwa osezinze eThekwini.

Kuthiwa uCele ufike emva kwesikhathi, umqatshi wakhe wamhlala ngobhongwane. Akagcinanga lapho, kuthiwa ubize lendodana yakhe eleminyaka engu-35 wezwakala ekhuluma ebhekise kuyona ethi : “Ndodana uyazi-ke sibenza njani abantu abangiyihlophi inkampani.’’

Kuthiwa indodana yakhe ayipholisanga maseko, yavele yahlala kuyena ngobhongwane. Lesi sehlakalo senzeke ngeledlule phambi kwezinye izisebenzi ezisale zilengekile. UCele uthi uzizwa elahlekelwe yisithunzi ngalesi sehlakalo. Uthi indodana yomqatshi wakhe imklinye yaze yambhuquzisa phansi, kubuka wonke umuntu.

UCele ufunge wagomela wathi, uhlezi ekwenza kumlungela kodwa manje lo mqatshi usefike kwangqingetshe.

Umsebenzi uthembise ukuthi uzokwenza okusemandleni akhe ukulwela ilungelo lakhe. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds