Uncategorized

‘Utshise izingane lendlu’ obengafuni ukwaliwa

01 Dec, 2022 - 00:12 0 Views
‘Utshise izingane lendlu’ obengafuni ukwaliwa Izingane okuthiwa zitshiswe lendlu KwaSithebe, eMandeni

uMthunywa

OWESILISA waseMandeni, usolwa ngokungqongqisa indlu ebilele izingane ngophethiloli ngenhloso yokuziphindiselela kunina wazo ngoba emalile.

Umthombo utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi umsolwa ubeyisoka likaNksz Phumzile Khoza (33), obese kulesikhathi aliwa kodwa eqhubeka encenga.

Kuthe nxa eqhubeka ngokumfundekela, owesifazane wanquma ukuya enkantolo wayofuna incwadi eyisivimbelo sokuthi angasondeli kuye. Kuthiwa uvuke umbhejazane, wafunga wagomela ukuthi uzomgila uNksz Khoza ngenxa yokumala.

Kuthiwa utshele amapholisa abemhambisele incwadi yesivimbelo ukuthi unina wezingane zakhe uzomgila isilo sengubo.

“Lo bhuti uye wasongela uPhumzile ngokuthi uzombulala ngoba ngeke akwazi ukuhlukana laye.

Kuhluleke ngitsho amapholisa emkhuza ngalezi zinsongo kodwa waqhubeka ngazo.”

Uqhuba umthombo uthe phakathi kwamabili ngoLwesithathu, kube sekutheleka umuntu ofike wakhiya umnyango ngaphandle maqede waphonsa ibhomu likaphethiroli ngefasitela.

Esigamekweni kutshe u-Olwethu Zulu (15), Selisiwe Zulu (9), Ntombifuthi Khoza (6) loSphephelo Ngiba (7), ogcine etshona esibhedlela.

“Sithe uma sibona izingane zitsha, sazibamba sazikhipha ngamafastela. Ngenhlanhla bekungekho ama-burglar guards. Sibe sesibiza i-ambulensi,” kutsho uNksz Khoza.

Ebuzwa ngezinsongo zobeyisoka lakhe, uNksz Khoza uvumile ukuthi uyazazi. Wathi wahlukana laye ngoNkwenkwezi lonyaka ngoba ubemhlukumeza futhi ehlale emsabisa ngomese.

UNksz Khoza uchaze kanje: “Ubeza ngenkani ekhaya bese ethatha izingane. Bengithi ngiyamkhuza kodwa aqhubeke eze. Waze wayeka ngoba esexotshwe ngumfowethu owathi akasamfuni ekhaya. Ngenxa yokuthi ubengafuni ukwamukela ukuthi angisamfuni, ngibe sengimfunela incwadi eyisivimbelo sasenkantolo. Yilapho ethe kungcono angibulale.”

Uthe obeyisoka wake wazama ukumgwaza kwaze kwadabuka izingubo ayezigqokile.

UNksz Khoza uthe okubuhlungu ukuthi njengamanje abazi bazothathani bahlanganise lani ngoba besale dengwane. “Asazi sizolala kuphi futhi sidleni ngoba kufanele sibuyele ekhaya. Kutshe yonke into.

Izingubo zokulala lezokugqoka, ama-ID, izitifiketi zezingane, izitembu zesitikofela ezibiza imali engaphezu kukaR15 000, ifenisha, imifaniswano yasesikoleni sezingane ebengisanda kuyithenga.”

Unxuse noma ngubani ongabasiza ngokubavusela umuzi langokudla. Okhulumela amapholisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isehlakalo.

“Amacala okuzama ukubulala lokutshisa aphenywa ngamapholisa aseSundumbili. Izingane ezilimele ziphuthunyiswe esibhedlela ukuze zelatshwe ngodokotela lapho ezitshe khona. Udaba lusaphenywa,” kuphetha uLieutenant Colonel Gwala.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds