Uncategorized

Utshise isoka lendlu engafuni ukwaliwa

17 Dec, 2020 - 00:12 0 Views
Utshise isoka lendlu engafuni ukwaliwa

uMthunywa

USOLA amapholisa asesiteshini seDurban Central, eThekwini ngobudedengu umdeni wowesilisa weMlazi okuthiwa wadedela unina wengane yakhe eyozinikela kuwona emuva kokumshisa lendlu wagcina ngokutshona ngoba engayizwa eyokwaliwa.

UNkk Dudu Soni ongunina kamufi, uMnu Malusi Soni (36), otshiswe ngoLwesibili olwedluleyo, uthi akaboni ukuthi siyoke sisuke engqondweni isithombe sendodana yakhe lezwi layo ikhala icela usizo, ngendlela eyatshiswa ngayongowesifazane okuthiwa udabuka KwaNongoma.

Kuthiwa umsolwa esingeke simdalule kwazise usagcwele izinkalo utshisa umufi nje, useke wamthengela izinkabi ukuba zimsoconge kwaze kwaba kabili.

“Lo owesifazane wafika la ngo-23:30 wathela iphethiloli endlini engaphandle elala uMalusi, onye wayithela emnyango, walayitha.

“Isigubhu samafutha esingange -5 litha ayefake kuso iphethiloli lezicathulo ayezigqokile, wakutshiya lapho wabaleka. Saphaphama umntanami ekhala, sazama sakhahlela isivalo waphuma ekhala ethi waze wangibulala u… etsho igama lale ntombazane.

“Inyama yayibucukile umzimba wonke, ngitsho ebusweni engasabonakali. Samphuthumisa esibhedlela ePrince Mshiyeni, kanti uzatshona ngakusasa ngabo-9,” kutsho uNkkz Soni.

Uthi ngosuku okwenzeka ngalo lesi sehlakalo, umufi wabaxoxela ukuthi usinde ngokulambisa ephuma emsebenzini inkabi eyayithengwe ngunina wengane yakhe itsho ukumjuqa ngommese.

“Kwenzeka lokhu nje, le ntombazane yamthumelela umyalezo engakaphumi emsebenzini yathi, ‘lamhlanje ngelamanqamu’, makalibuke aligcine ngoba usezakufa. Yamtshela ukuthi kulabantu abamlinde ngaphandle kwasemsebenzini, sebembonile lokuthi ugqokeni.

“Wasitshela ukuthi kwathi eseyophuma esangweni ehamba lomunye wesifazane, wambona owesilisa ekhipha ummese ebaphuthuma, wabaleka wangena etekisini wajika lona wesilisa. Emuva kwalokho kwangena umyalezo ocingweni lwakhe le ntombazane ithi angazitsheli ukuthi usindile.

“Lo mlayezo wafika wasikhombisa wona lapha ekhaya, etsho lokuthi useyesaba nokuya emsebenzini ngenxa yale ntombazane,” kutsho uNkkz Soni.

Uthi indodana yakhe yake yabika lasemapholiseni bayenzela incwadi eyisivimbelo ukuthi umsolwa angasondeli kuyona.

Utshele ILANGA ukuthi le nkabi eyathunyelelwa indodana yakhe kwakungeyona eyokuqala njengoba ethi umsolwa wake washutha isitaki semali wathi uyokhokhela ngayo izinkabi ezizoqeda ngoMnu Soni.

Uthi ngoLwesithathu bezwa ngamaphoyisa aseGG ukuthi lona wesifazane waya esiteshini saseCR , eThekwini eyozinikela kodwa kwathiwa makayozinikela eGG, eMlazi ngoba icala walenza khona.

“Ngiyasola ukuthi waphuma lapho washaya utshani njengoba engasekho nalapho okuthiwa ubeqashe khona.

Amaphoyisa (aseCR) ababudedengu ngoba kwakufanele kube yiwona amhambisayo kodwa amdedela,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi umsolwa wesifazane uzinikele esiteshini samaphoyisa eDurban Central, walandwa ngamaphoyisa aseMlazi ngalo usuku azinikele ngalo, kumanje ugqunywe ezitokisini emuva kokuba evele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi eyobingelela ngoLwesine.

libuyele emndenini unina kamufi wathi uyakuqabuka okokuthi umsolwa useboshiwe. Ubuyele kwiLANGA wathi ubekhuluma nomphathi siteshiothe bebengakambophi umsolwa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds