Uncategorized

Ushone esanda kunikwa esobukhosi

12 May, 2016 - 00:05 0 Views

uMthunywa

USHAYANA ngamakhanda umndeni wasebukhosini bakwaDlamini eMakhuzeni, eBulwer ngelungu lomndeni elikhothame emva kwemizuzwana lisanda kunikwa isihlalo sobukhosi.

UMnuz Tony Dlamini wayefake isicelo sokuba kube nguye othatha izintambo zokubusa isizwe saseMakhuzeni ngo-2009 emva kokukhothama kwenkosi ayelamayo uMlindeli Dlamini eyahamba ingenayo indodana kuNdlunkulu uKhetha Dlamini.

Inkosi uMlindeli yabe izalwa yiNkosi uLeishman eyakhothama ngo-1985.

NgoLwesibili umndeni uthi usukwe yiphika isigubhukane umufi waphuthunyiswa esibhedlela eCentocow.

NgoLwesine kufike izikhulu zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu zilethe umbiko nencwadi eqinisekisa ukuthi siphumelele isicelo sikamufi ukuba abe inkosi.

Kuthiwa emva kwemizuzu embalwa zihambile izikhulu kusale kwangena ucingo luphuma esibhedlela lazisa umndeni ukuthi sekumenele uDlamini.

Okhulumela umndeni uNksz Thandani Dlamini, ongudadewabo kamufi, uthe umndeni nesizwe uphithene amakhanda nje ukuthi kodwa bhadi lini leli elehlele umndeni nesizwe ngoba kade isizwe sahlala singenayo inkosi.

“Siphithene amakhanda ngalokhu. Sonke sisashaqekile ukuthi kanti umfowethu uvukwa wukufa nje isinqumo sokuthi athathe isihlalo sesiphumile.

“Yize noma kade sazi ukuthi iphika yinto ebike imphathe kodwa ubengenalutho, livele lasuka isigubhukane nje, ngoLwesibili samphuthumisa esibhedlela.

“NgoLwesine kutheleke abomnyango belethe incwadi emqoka ukuba abe yinkosi manje sekuzoqala phansi futhi uhlelo lokuqoka omunye okuyinto edonse isikhathi eside kangaka isizwe singenankosi,” kuzikhalela udadewabo.

Emva kokukhothama kweNkosi uMlindeli ngo-2009 kwasuka umbango umndeni wehlukana phakathi kukhona abafuna ukuba izintambo zithathwe nguNdlunkulu wenkosi uKhetha, uMaMthethwa kodwa enye ingxenye yomndeni ifuna kuthathe umfowabo wenkosi lo osekhotheme naye.

Kwabakhona iqeqebana lesithathu elalifuna ukuthi ubukhosi bunikwe indodana yenkosi eyayithola ngaphandle kodwa kwachithwa lokho ngoba uthi awufuni ukuphathwa yingane yesihlahla.

Kwangenelela umnyango njengoba isinqumo size saphuma manje emva kweminyaka eyisikhombisa kungekho nkosi.

Ngesikhathi ikhothama inkosi, indodana uLindo Khwela eyayithola entombini yabe ineminyaka ewu-14, kanti manje isina-21, okungenzeka umbango uqale phansi futhi isifuna isihlalo sayo.

Uma uLindo enquma ukufaka isicelo uzobe esesibanga nendodana kamufi ena-11 manje ngoba kuyacaca ukuthi ubukhosi sebusendlini yakwabo ngenxa yale ncwadi elethwe wumnyango iphasisa isicelo sikayise.

UNksz Dlamini uthe umufi uzotshalwa ngoMgqibelo bese umndeni uhlangana unquma ukuthi ngubani ozobamba isihlalo. —Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds