Uncategorized

Umkhuba wokusikwa kwesitho sangasese sabesifazane udala izinkinga zezempilo

29 Feb, 2024 - 00:02 0 Views
Umkhuba wokusikwa kwesitho sangasese sabesifazane udala izinkinga zezempilo USolwazi Ngianga Bakwin Kandala

uMthunywa

ISIKO noma umkhuba wokusikwa kwabesifazane ezithweni zabo zangasese, udala izinkinga ezibangela ukuthi bangakwazi ukuzibelethela uma bekhulelwe.

Inhlanganiso yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithi babalelwa ku-200 million abantu besifazane abasikwe izitho zangasese okwaziwa ngokuthi-Female Genital Mutilation (FGM) abaphilayo emhlabeni. Kuvela ukuthi bangaphezulu kwe-300 million abasengozini yokwenziwa lumkhuba.

Lumkhuba noma isiko lenziwa ngenhloso yokuthi owesifazane adonswe ingxenye ethile yesitho sakhe sangasese. Kuvamise ukuthi kube izindebe zaso, zisikwe kwabanye zithungwe ngoba kuthiwa kwenzelwa ukuthi ajabulise umyeni wakhe uma sekufike isikhathi sokuthi aye ocansini. Kokunye kwenzelwa ukuthi kubonakale ukuthi umsulwa ngokuthi sithungwe sivalwe isitho sangasese. Uma sekufike isikhathi sokuthi aye ocansini siphinde siqaqwe.

UDkt Marise Subrayan weWits University, wenze ucwaningo olubheka ukwanda kwabantu besifazane abenziwe lelisiko eNingizimu Afrika.

Ucwaningo lwakhe ulwenze ngo-2022 waluphothula ngomnyaka odluleyo. Uthe ususwe ukuthi ngesikhathi ebelethisa owesifazane odabuka eNorth West Afrika owenziwe iFGM, kwesinye sezibhedlela esiseGoli, kwatshona ingane ngenxa yokuthi yagaxeka enyameni esikiwe, yahluleka ukuphefumula yaze yatshona. Odokotela behluleka ukumsiza ngoba umdeni wala ukuthi ahlinzwe ngenxa yenkolo yawo.

“Leli siko alenziwa ngabantu baseNingizimu Afrika kodwa balithatha ebantwini bakwamanye amazwe abafika kuleli bezokhosela ngezizathu ezehlukene. Singodokotela baseNingizimu Afrika sizithola sileziguli ezilenkinga ngenxa yaleli siko esingaliqondi kahle ngenxa yokuthi alilawulwa kuleli. Abanye abafika lalo basuke belifunde kwamanye amazwe alenzayo bafike baqhubeke nalo noma sebekuleli yize lingenziwa emazweni abo,” kusho yena.

Ocwaningweni alwenzile, uthe kuvela ukuthi lwenziwa emantombazaneni esemancane. Uthe amanye enziwa eseneminyaka engu-15 ngesikhathi ethomba.

USolwazi Ngianga Bakwin Kandala weWits School of Public Health, uthe emphakathini lapho leli siko lenziwa khona lithathwa njengesikali noma indlela yokuhlunga abesifazane abamsulwa.

“Uma owesifazane enze leli siko usethubeni elihle lokuthi agane. Kutholakala ukuthi ulethuba lokuthi akhulelwe lula futhi lokhu kwenza ukuthi umyeni wakhe ahlale enamathele kuye angamtshiyi, ngoba inyama esikiweyo noma ethungiwe kulenkolelo yokuthi imjabulisa ngokwedlulele uma beya enkonzweni yasekamelweni. Alenzelwa izizatho zezempilakahle futhi abalenzayo abalandaba lemiphumela yezempilo abakubhekileyo inhlalakahle emphakathini,” kuchaza uSolwazi Kandala.

I-WHO ithi izinkinga zezempilo ezidalwa iFGM, ukunamathela kalula kwamagciwane emgudwini womchamo. Okunye ubuhlungu uma owesifazane echama, ukuluma kwesitho sangasese, ukuphuma koketshezi, izinkinga zokuya esikhathini ezihlanganisa ubuhlungu uma besesikhathini, ukukhula kwenyama lapho besikwe khona okwaziwa nge-keloids, ukuhlaselwa izinkinga uma bebeletha okungukopha kakhulu, ukubeletha ngokuhlinzwa nesidingo sokuthi ingane iphefumuliswe ngemishini uma isibelethiwe. Okwenza iphefumuliswe ngemishini ukuthi isuke incisheke umoya ngoba inyama engaphakathi esithweni sangasese isikiwe noma yathungwa ngendlela okungeyona eyemvelo.-Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds