Uncategorized

Umfundisi uzilengisile kwashiswa imizi

18 Feb, 2016 - 00:02 0 Views
Umfundisi uzilengisile kwashiswa imizi

uMthunywa

ISEKUBHACENI imindeni yezelamani eziyisithupha ezitshiselwe imizi emithathu, kwadicilelwa phansi emibili, eHighflats ngoba zisolwa ngokuthakatha umakhelwane wazo obengumfundisi otholwe elenga kwakhe ngeledlule.

Bathi babengazi ukuthi ingxabano ilungu lomndeni elike laba nayo ngonyaka odlule nomfundisi ibingakapheli futhi ingagcina isiphendule nezihlobo zakhe izitha zomphakathi.

Izingane zabasolwa nazo ezisekubhaceni ziphoqeleke ukuthi ziyeke isikole ngoba zisaba ukubulawa. Ekhuluma esekubhaceni, uNkkz Baqondile Msomi (45), uthe baxabana nomfundisi waseChibini odalulwe ngelikaDlamini, ngonyaka odlule bebanga insimu yakhe athe wayezama ukuyidla ngo dli.

“Wazingenela ensimini yasekhaya, wayimba maqede waya enduneni ukuyosibopha. Into eyamthukuthelisa kakhulu wukuthi safike saliwina icala, induna yaphinde yasinxephezela ngensimu yayo ngaphezulu. Samcasula isenzo senduna ngoba wayelokhu ethi besingekho isidingo sokuthi induna isiphe indawo yayo,” kusho uNkkz Msomi.

Uthe ubezitshela ukuthi ingxabano yabo yaphela kodwa ushaqekile ngoMsombuloko wesonto eledlule ngesikhathi uDlamini emchapha ngenhlamba behlangana emgwaqweni.

“Ngangihamba nodadewethu oshadele kwaNgcobo ngesikhathi ngitholana phezulu nomfundisi uDlamini.

Wayephethe induku yakhe yaseChibini ngesikhathi ethi uzama ukungishaya ngayo kanti uzoshaya alimaze udadewethu. Kwasiza ukuthi kuqhamuke umfana wakwamakhelwane owasilamulela. Salubika udaba enduneni kodwa yathi asiye emaphoyiseni. Amaphoyisa athi angiye enkantolo ukuyothola incwadi ezovimba uDlamini ukuthi asondele kimina, ngahluleka ngoba ngingalazi igama lakhe. Ngawabikela kuhlaselwa umuzi wami kodwa angalusukumela phezulu udaba,” kuchaza uNkkz Msomi.

Uqhube wathi inkinga iqale ngemuva kokuthi uDlamini etholakale elenga kwakhe ngoLwesithathu olwedlule.

“Ngezwa umndeni wakhe umemeza emnyango kaMsomi uthi bambulele kanti bamshaye ngani. Ngadideka ngoba nguyena owashaya udadewethu. Sasizwa wukubalekela kodadewethu oseduze sekugcwele abantu egcekeni lami.

NgoLwesine ekuseni kuthiwa le nqwaba yabantu yayigcwele egcekeni izitshela ukuthi ngibuyile. Baze bakhetha ukuwushisa umuzi wami ngoMgqibelo baphinde bashisa nokadadewethu, kwathi ngeSonto bashisa okadadewethu omdala. Eyomunye udadewethu nasekhaya elikhulu ebesekuhlala abafowethu ababili yagqekezwa yaphahlazwa amawindi,” kuqhuba uNkkz Msomi.

Omunye oshiselwe umuzi, uNkkz Khetheni Mbhele (53) usola ukuthi abantu abashise umuzi wakhe bazitshela ukuthi wayekhona ngengxabano yokugcina kaNkkz Msomi noDlamini.

Induna yendawo uMnu Petros Khambule ithe loludaba sebeluyekele amaphoyisa njengoba aziswa ngalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uMajor Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseHighflats aphenya icala lokusha komuzi kaNkkz Mbhele okwenzeke ngoMgqibelo eNdwebu.

“Okwamanje akukaboshwa muntu. Amanye amalungu omphakathi ashiselwe imizi ayacelwa ukuthi ayovula amacala esiteshini saseHighflats. Onolwazi ngalezi zehlakalo uyacelwa ukuthi axhumane namaphoyisa,” kusho uZwane. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds