Uncategorized

Ukhiphe uluhlu lwama-blesser akhe

24 Jun, 2016 - 00:06 0 Views
Ukhiphe uluhlu lwama-blesser akhe UAmanda Cele okhiphe uluhlu lwamablesser

uMthunywa

IBE ngundabuzekwayo izolo intokazi eyavela kuthelevishini izitshaya isifuba ngokuphila impilo ephezulu ngenxa yokubusiswa ngamadoda.

Lokhu kubangelwe yikusabalala koluhlu lwamagama abosomabhizinisi, abezepolitiki, abadlali bebhola labaculi ethi sebake bayibusisa ngemali yabo.

U-Amanda Cele wavela ohlelweni lwe-e.tv leNCA iCheckpoint ezitshaya isifuba ngokuthi uyi-blessee futhi akasoze athandane lendoda engelamali ngoba usejwayele impilo ephezulu. Kuthiwa udedele uluhlu lwamagama abantu adla imali yabo.

Izolo kutshaye isikhathi sokudindwa kwephephandaba engatholakali u-Amanda ukuthi aphawule ngoluhlu.

Ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuTwitter, abantu bebebuzana ukuthi uluhlu luka-Amanda lwabantu abambusisayo luyiqiniso yini, abanye bemgxeka ngokuthanda ukubukwa.

Phakathi kwabantu ababaliwe ukuthi babusisa u-Amanda ngusomabhizinisi uKenny “Sushi King” Kunene lomholi weDA, uMnu Mmusi Maimane.

UKenny utshele Isolezwe ukuthi akakaze ahlangane lo-Amanda futhi uma kuyikuthi uluhlu okukhulunywa ngalo luyiqiniso, umjwayela kabi.

“Ungijwayela kabi loyo Amanda. Angikaze ngimbone.

Ngicela angafaki igama lami ezindabeni zakhe zokungaziphathi kahle.

Angimazi, ngambona kuthelevishini njengani nonke. Hhaa, ungijwayela kabi,” kutsho uKenny.

Umholi weDA eThekwini, uMnu Zwakele Mncwango, uvele wababaza kade ezwa ukuthi uMaimane usohlwini lwama-blesser.

“Hhayi bo, sisanda kwamukela amalungu e-ANC e-Welbedacht nina nibhala ukuthi uMmusi uyi-blesser? UMmusi ungumfundisi, kodwa ungamthinta aziphendulele,” kusho uMncwango.

Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uMaimane nabanye osaziwayo abakulolu hlu. Izingcingo zabanye beziya ku-voicemail.

Abanye bosaziwayo ngisho kuTwitter abantu bebebabiza ngamagama abo asenkundleni kepha abazange baphendule.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds