Uncategorized

Ukhakhayi lowesifazane emzini wenyanga

03 Dec, 2015 - 00:12 0 Views

uMthunywa

DURBAN — Ikhanda lowesifazane owaduka eminyakeni emibili eyedlule litholwe ethuneni elingashoni kwaMfekayi Reserve, eMtubatuba.

Ugebhezi lwalo wesifazane owaduka ngonyaka wango-2013 lutholwe ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa asola ukuthi wabulawela umuthi.

Ngokusho kukaCaptain Jabulani Mdletshe, okhulumela amaphoyisa aKwaMsane, uVenqe  Tholakele Nsibande, 24, waduka ngoMeyi ngonyaka wango-2013 ephuma emsebenzini kwaMfekayi.

Kwavulwa idokodo lomuntu odukile kodwa uNsibane wangatholakala.

Ngaphambi kokutholakala kogebhezi ngoMsombuluko, osebenzela inyanga kwaMfekayi uthe wayizwa inyanga ixabana nomkayo kanti kusolwa ukuthi umkayo wayesongela inyanga ngokubikela amaphoyisa ngokuthi yabulala intombazane.

Lesi sisebenzi sabe sesenza uphenyo ngemuva kwalokho sabikela amaphoyisa.

UNsibande wabulawela esigangeni washumpulwa ikhanda elahamba nenyanga.

Njengamanje kuboshwe osolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kukaNsibande owagqitshwa ethuneni elingashoni.

Inyanga isagcwele amathafa, kubika iZululand Observer.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds