Uncategorized

UKelly ‘ngeke athole ngisho indibilishi’

02 Jul, 2015 - 11:07 0 Views
UKelly  ‘ngeke  athole  ngisho  indibilishi’ Kelly Khumalo

uMthunywa

UYISE kalowo owengunozinti wokuqina weBafana Bafana ne-Orlando Pirates owabulawa uSenzo Meyiwa, uthi ngeke athole ngisho isenti umculi we-Afro-pop uKelly Khumalo emalini yomshwalense yendodana yakhe.

Ekhuluma neSolezwe izolo ngemuva kokuphuma kombiko wephephandaba langeSonto iSunday World, othi uKelly uxoxa nabameli ukuze bamsize athole ingxenye ka-R5 million wemali yomshwalense kaSenzo, uMeyiwa uthe akazi ngempela ukuthi uKelly ufunani emndenini wakhe.

Umndeni kaSenzo kulindeleke ukuthi uthole imali yomshwalense enguR5 million evela kuPSL, kulandela ukushona kwakhe.

“Umakoti kaSenzo akakhulumi lutho ngezimali uzwa ngathi siwumndeni kodwa naye unayo ingane noSenzo.

Kuzoqhamuka intombi esingubhongoza ikhuluma ngezindaba zemali,” kusho uMeyiwa.

Uthe kuyacaca ukuthi uKelly uzifunela imali ngokufa kukaSenzo.

“Akukwazi ukuthi kushoniwe kusenendida ngisho nangababulali, wena usuzokhuluma ukuthi ufuna izimali zemishwalense, lokho kuyasithusa siwumndeni.”

Uthe kuzomele athole izeluleko zomthetho ngenhloso yokunqanda uKelly ezinhlelweni zakhe.

Ngokombiko weSunday World, umthombo osondelene noKelly ucashunwe uthi lo mculi uye kumdidiyeli wezingoma uChicco Twala, eyofuna usizo lwabammeli ngenhloso yokuthola ingxenye emalini yomshwalense kaSenzo.

Ummeli kaTwala ucashunwe kuleli phephandaba ekuqinisekisa ukuthi uKelly ufikile kubona bathembisa ukuthi bazomsiza.

Umthombo ucashunwe uthi uKelly akazifuneli yena imali kodwa uyifunela ingane yakhe uyise wayo okunguSenzo.

Sekuphela unyaka manje uSenzo abulawa kodwa amaphoyisa awakabophi muntu ngokufa kwakhe ngaphandle komsolwa owabanjwa kodwa wabuye wadedelwa ngoba kutholakala ukuthi abukho ubufakazi obumhlanganisa necala.

Ngeledlule amaphoyisa akhiphe isitatimende ecela uMeyiwa ukuba ehlise kancane ukukhuluma nabezindaba ngecala emsola ngokuthi uphazamisa uphenyo lwawo. — Ubulembu.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds