Uncategorized

‘Ufanelwe yisibhedlela uPistorius’

24 Jun, 2016 - 00:06 0 Views
‘Ufanelwe yisibhedlela uPistorius’

uMthunywa

UPROFESSOR Jonathon Scholtz, oyi-Clinical Psychologist, utshele iNkantolo eNkulu ePitoli izolo wathi ngokubona kwakhe, u-Oscar Pistorius ufanelwe wukuba sesibhedlela kulokuthi ayobhadla ejele.

“Umoya wakhe uphuke kakhulu. Ungumuntu ofanelwe wukunikwa ithuba lokuthi akwazi ukubuyisa ithemba kuye.

Ngesikhathi ngikhuluma naye ubekhombisa okukhulu ukuzisola, exolisa nangokwenzeka.

Bekuba nanesikhathi lapho bekuze kudingeke ukuthi ngimvuse ngenxa yokuthi umqondo wakhe ububukeka ungekho kahle.

Ngize ngamvusa kabili,” kutsho uProf Scholtz obefakaza izolo eNkantolo eNkulu iNorth Gauteng.

“Isimo sempilo yakhe asisihle leze. Ukuba ubeyisiguli sami, bengizomlalisa esibhedlela,” kutsho lo solwazi.

UScholtz, oyi-psychologist eWeskoppies Psychiatric Hospital ePitoli, uhlole uPistorius ngo-2014, nangoMeyi 2016.

Ebufakazini bakhe uzwakalise ukuzwelana lalo msubathi olecala lokudubula abulale intombi yakhe uNkszn Reeva Steenkamp eminyakeni emithathu eyedlule.

Ethula ubufakazi lo solwazi utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi evalelwe ejele iKgosi Mampuru II izinyanga ezingu-12 ngecala lokubulala ngokungenanhloso, uPistorius ubethwele kanzima edonsa isigwebo.

UPistorius ubevalelwe yedwa amahora angu-18 ngosuku futhi lokhu nje kukodwa kufane nokuthi uvalelwe egoqweni njengesilwane ngokutsho kukaSolwazi obethula ubufakazi.

UScholtz ubuye wafakaza ukuthi ojele bebeletha abantu ukuba bazobuka uPistorius okuyinto ebimbangela amahloni, imjivaza.

“Beyingekho nendawo yokuthi ame kahle abhalanse kahle kulendawo abevalelwe kuyona, kungelayo lendawo yokubhalansa nalapho egezela khona.

Konke lokhu kuholele ekutheni umlenze wakhe wokufakelwa ube buhlungu,” kutsho uSolwazi.

UScholtz uphethe ngokutshela inkantolo ukuthi uPistorius ukukhombisile ukuzisola ngokudubula uNkszn Steenkamp futhi ubesexolelwe lawumndeni kamufi.

Kodwa uMshushisi uGerrie Nel ubuze ukuthi ngabe uPistorius angathathwa njengomuntu ngempela ozisolayo uma namanje esahluleka wukwamukela avume ukuthi wabulala uNkszn Steenkamp?

UNel uthe uPistorius akakaze lakanye kule nkantolo amukele ukuthi wadubula wabulala umufi esendlini yokugezela ngeValentine’s Day ngo-2013.

Ukulalelwa kwezethulo mayelana nesigwebo kuzoqhubeka lamuhla.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds