Uncategorized

UBLACK Coffee uthe wayezitshela

07 Mar, 2024 - 00:03 0 Views
UBLACK Coffee uthe wayezitshela Ingozi kaBlack Coffee

uMthunywa

UBLACK Coffee uthe wayezitshela ukuthi uyafa ngesikhathi esehlelwa yingozi ebhanoyini esuka eBrazil esiya e-Argentina ngenyanga edlule.

LuDJ ohlonitshwa umhlaba wonke ngamagalelo akhe, uthe ingozi akubanga yinto esheshayo.

“Ngabona impilo yami iphela. Kwakungeyona into esheshayo lokuyinto ebuhlungu ngalesi sehlakalo, ngase ngiphaphama esibhedlela. Kwenzeka citshe umzuzu. Kwanginika isikhathi sokucabanga kwenzeka. Ngaba lesikhathi sokuthandaza. Ngaba lesikhathi sokuthemba ukuthi kuzophela futhi kwaba lesikhathi lapho ngathi kulungile sesisifa,” kutsho uBlack Coffee.

UBlack Coffee ubekhuluma lomsakazi weKaya FM, uTbose, engxoxweni efakwe lasekhasini lesiteshi kuYouTube.

Uthe wayelomjikelezo waseSouth America ngoZibandlela futhi kwase kusele imicimbi emithathu ngaphambi kokuthi aphenduke ekhaya azophumula.

Uveze ukuthi ubesebenzisa ibhanoyi elikhulu kodwa inkampani yalo yangakwazi ukumnika ngesikhathi eseya e-Argentina. Wathola enye layo elamabhanoyi aqhatshwa ngasese.

“Ngiyakhumbula ngikwiselula ngoba ngijwayele ibhanoyi elikhulu ngithi libukeka sengathi lidala. Ngathatha izithombe ngilokhu ngiphawula ngithi yingoba mhlawumbe ngididwa wumbuso. Ngangingakhululekile.”

Uthe ngenxa yokuba matasa lomsebenzi, kwakwenzeka athathe indiza elophephela emhlane uma eya emicimbini noma uma eyogibela ibhanoyi. Uthe kwenzeka kokunye wangakhululeka waze wathumela isinqandamathe sakhe umyalezo esitshela ukuthi uyasithanda.

Ngesonto elilandelayo yilapho ehlelwa khona yingozi.

uBlack Coffee

“Ibhanoyi lasuka ngafaka ibhande. Ngesikhathi selisemoyeni lihamba kahle ngakhipha ibhande ngalalisa isihlalo. Ngangilalele i-albhamu yowokholo kuma-headphone ngalala. Ngaphaphama kungathi ngiyaphupha ibhanoyi lingqangqazela ngamandla. Ngavula amehlo ngabona ukuthi wonke umuntu wayezama ukubambelela. Ngoba ngangilele kwakungathi ngisemotweni iyagingqika. Kwakungathi ngisemotweni igingqika kodwa kwenzeka ngodlame.”

Uthe wawa phansi kanti wayesafake ama-headphone kulengoma elokhu iphinda ithi Hallelujah. Uthe kwakungathi yikhwaya loba yizingelosi zizomsindisa.

“Ibhanoyi lavele latshona phansi ngokushesha ngatshayeka ngekhanda okhakhayini ngase ngiquleka imizuzwana, akubanga yisikhathi eside. Ngase ngiphansi futhi. Ibhanoyi lalonakele ngaphakathi lisandiza, kulenga izifonyo zokuphefumula phezulu. Ingilazi engangiphuza ngayo amanzi yayifile lezibuko zami zinqamukile.”

Uthe wayalela umtshayeli ukuthi kumele ibhanoyi liyohlala phansi ngoba wayelezinhlungu kodwa bethi abaqhubeke ngoba uma sebese-Uruguay kuseduze lase-Argentina. Uthe onogada ayehamba labo baqinisa isandla kumtshayeli lebala behla e-Uruguay eselindwe yi-ambulensi.

Uthe ingaphezulu lomgogodla wakhe lalilimele wahlinzwa wafakwa lensimbi.

Esibhedlela uthe wachitha isonto futhi kwafika udadewabo lomngane wabo uSibs.

“Ngabona impilo yami iphela. Ngangithandaza hhayi ukuthi ngiphile kodwa ukuthi ngifike ezulwini ngikahle. Ngangithi ungangivaleli Thixo. Ngangizwa sengathi kuphelile. Nginikwe ithuba lesibili.”

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds