Uncategorized

Lumenyezelwe usuku lomngcwabo ka-AKA

16 Feb, 2023 - 00:02 0 Views
Lumenyezelwe usuku lomngcwabo ka-AKA u AKA

uMthunywa

KUCACE bha ukuthi kusenzima ebantwini bakweleSouth Africa ukwamukela izindaba zokudlula emhlabeni komrepha, uKiernan “AKA” Forbes (35), odutshulwe ngoLwesihlanu, eThekwini.

Lokhu kugqame kakhulu ngesikhathi umdeni wakhe ukhipha isitatimende esimemezela usuku lwenkonzo yesikhumbuzo leyomngcwabo.
Esitatimendeni umdeni uveze ukuthi inkonzo yesikhumbuzo ka-AKA izoba ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama eSandton Convention Centre.

“Amathikithi okungena kule nkonzo azobe emancane kakhulu njengoba sizophinde sivule ithuba lokuthi abanye babukele inkonzo ezinkundleni zokuxhumana. Inkonzo yakhe yomngcwabo izoba ngoMgqibelo; le nkonzo izoba sesigabeni sesifundazwe izoba ngekhethekile njengoba izobe ingavulelekile emphakathini,” kutsho isitatimende.

Umdeni ubonge kakhulu imilayezo abayithola ebantwini abahlukene etshengisa ukuthi u-AKA ubengathandwa yibona kuphela ubengumdeni kodwa ubethandwa ngabantu abanengi kuleli lakwamanye amazwe.

DJ Zinhle

Baphinde babonga umdeni wakwa-Mahosana, la kutshadele khona uDJ Zinhle ongunina wengane ka-AKA, ngokubaxhasa kulesi sikhathi esinzima.
Bathe umyeni kaDJ Zinhle, uBongani, ngeke aze abe khona esikhumbuzweni sika-AKA kanjalo lasemngcwabeni wakhe ngenxa yokuthi ugcina usiko lwakhe.

Baveze ukuthi ubaba ka-AKA nguye okhulumela umdeni futhi kukhona izimemezelo azozenza kwabezindaba.
Abalandeli baka-AKA baveze ukuthi abakholwa ukuthi kumenyezelwa izindaba ezifana lalezi ngaleli ciko.

Umndeni wakwaMotsoane, lawo olahlekelwe indodana yawo ebingumngani ka-AKA kulesi sigameko, uTibz, uveze ukuthi usuku lwakhe lokumfihla uzolumemezela maduze kodwa luzoba ngempelasonto.

Kodwa bavezile ukuthi inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba ngoLwesine futhi izakhonjiswa lezinkundleni zokuxhumana ngo-5 ntambama.
Amathikithi enkonzo ka-AKA aphele ngemva kwamahola amabili kumenyezelwe izindaba zokutholakala kwawo eWebticket.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds