Uncategorized

Isoka ligwaze intombi phambi kwamapholisa yafa

24 Nov, 2022 - 00:11 0 Views
Isoka ligwaze intombi phambi kwamapholisa yafa

uMthunywa

UPHITHENE ikhanda unina wowesifazane waKwaMbonambi okuthiwa ugwazwe lisoka lakhe liphindelela phambi kwamapholisa aphuthume endaweni yesigameko ngemva kokubikelwa ngengxabano yezithandani.

Kuthiwa umufi, uNkosazana Amanda Mazibuko (24) ubengasayingeni eyokuthandana lesoka lakhe, okubikwa ukuthi beselilomkhuba wokumtshaya uma bengaboni ngaso linye.

Umufi obehlala lonina wakhe, kubikwa ukuthi ubesengasalifuni isoka lakhe ngoba ebalekela ukutshaywa yilo.
UNkszn Mazibuko lesoka lakhe bebeqatshwe ngaphansi kohlelo lwabasebenzi be-Extended Public Works Programme (EPWP), bophiko oluthutha udoti ngaphansi kaMasipala wase Mfolozi.

Kuthiwa ngosuku lwesigameko ekuseni besanda kufika emsebenzini bonke abasebenzi, isoka lakhe lamtshaya ngempama phambi kozakwabo.

Echaza uNkszn Sibongile Mthalane ongunina kamufi, uthe indodakazi yakhe yabikela abaphathi ngemva kokuthi itshaywe ngempama.

 

 

Uthe ngezikhathi zasemini kwaphinde kwabonakala isoka libamba indodakazi yakhe ngobhongwane, licasulwa ukuthi umufi ufuna bahlukane.

“Abaphathi kuthiwa babike emapholiseni aphuthume emsebenzini wabo. Lamapholisa okungikhathaza kakhulu ngawo ukuthi ayekhona ngesikhathi lo mfana (umsolwa) eya enganeni yami lommese. Kusukela enxebeni lokuqala kuze kufika lapho okucaca khona ukuthi ingane yami iphuma umphefumulo, ayekhona amapholisa.

Angiqondi ukuthi kungani engangenelelanga ngoba lawo ayephethe izikhali zawo. Angikho kahle emoyeni futhi angazi noma sizodlula yini lesi simo,” kukhala uNksz Mthalane.

Eqhuba, uthe okumphula umoya ukuthi ubesesele lendodakazi vo njengoba indodana yakhe yatshona ngo-2015.
Echaza ngendodakazi yakhe, uthe ibiphezu kwezinhlelo zokwakha ikhaya njengoba umfowabo atshona esethenge indawo.

“Amanxeba noma bengazange bangichazele ukuthi amaphi nendawo kodwa uma ngizwa indlela okuthiwa ubegwazwa ngayo u-Amanda, isidumbu sakhe sisale simanxebanxeba. Le eyokufikelwa umcabango wokuthi angiselayo ngitsho eyodwa ingane ingiphatha kabi kakhulu. Ngiyafisa ukuthi umthetho udlale indima yawo ukuze ajeze umsolwa,” kubeka unina kamufi. – Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds