Uncategorized

Isihluku kubulawa umama lendodana

03 Dec, 2015 - 00:12 0 Views
Isihluku kubulawa umama lendodana Kubulawe umama lendodana

uMthunywa

USHAQEKILE umndeni wakwaGamede KwaNdengezi ngesigameko sokubulawa ngesihluku kwamalungu omndeni wawo amabili, unina wawo osekhulile onqunyiwe kwathi indodana yakhe ebivakashile yagencwa ethaveni yabo ngoMgqibelo ebusuku.

UNkkz Beatrice Gamede (70) obengumnikazi wendawo yokucima ukoma edume ngokuthi kwaGogo’s Tavern utholwe enqunyiwe elele embhedeni wakhe kwathi indodana yakhe uMnu Bheki Gamede (58) yona yotholwa igenciwe.
Indodana kuthiwa ibingahlali nonina kodwa ibilele ekhaya ngosuku lwesigameko ngoba nakhu kade ifike izolobolela umfowabo omncane.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo izolo emini abantu bebemi izixongololo emgwaqweni ngenhla kwethaveni bemangazwe isihluku.

Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalulwa lithe bathukile ngendlela uNkkz Gamede abulewe ngayo ngoba ubezilungele futhi engumuntu wabantu.

“Asazi ukuthi yini ngempela eyenze ukuthi kubulawe ugogo ngesihluku esinjena ngoba ubezidayisela futhi ezwana nabantu,” usho kanje.

Indodana kaNkkz Gamede, uMnuz Thabo Gamede ithe ithole ucingo ebikelwa ukuthi unina nomfowabo sebebulewe.

“Ngithe uma ngifika ekhaya laba basemakhazeni bese bezithatha izidumbu zabo, kugcwele igazi phansi,” usho kanje.

UThabo uthe into ebadidayo wukuthi abahlaseli abazange bagqekeze ngesikhathi bezobulala.

“Sisola ukuthi umama ngesikhathi ekhiya ethaveni abahlaseli ubakhiyele ngaphakathi bebecashe ndawana thize, mhlawumbe ethoyilethi ngoba amaphoyisa agqekezile isicabha saze savuleka kade sikhiyiwe safica izidumbu,” usho kanje.

Uthe bebe bathathu abantu abebesendlini, unina, umfowabo nengane encane okuyiyo ehlabe umkhosi.

UThabo uthe unina ubelala yedwa ethaveni ngaphakathi kuthi amanye amalungu omndeni alale kwamanye amakamelo.

“Kodwa izolo umama ulale nomfowethu uBheki ongahlali lapha onomuzi eNanda ofike lapha ekhaya ngoba kade ezolobolela umfowethu omncane wasale eselala ngoba kusekhaya kanti kuzokwenzeka lesi sigameko,” usho kanje.

Uthe abahlaseli bebazi ukuthi unina ujwayele ukuba yedwa bebengalindele ukuthi kukhona omunye umuntu okhona.

“Okunye okusididayo wukuthi akuzange kuthathwe mali,” kusho uThabo.

Uqhube ngokuthi iyabakhathaza futhi indaba yokuthi wonke umuntu ohlala nonina athi ubengekho ngesikhathi kwenzeka isigameko kodwa kube kuhlale kugcwele.

Iphoyisa laKwaNdengezi elingagunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba lithe bangase babophe ngokushesha uma amalungu omndeni ezobambisana nabo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker uthe bayakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya amacala amabili okubulala.

UNaicker unxuse noma ngubani ongaba nemininingwane ngokuthi obani abenze lesi sigameko ukuba abikele amaphoyisa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds